... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungakuhlela Ukuphumula?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMathewu 11:28-30 “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”

Listen to the radio broadcast of

Ungakuhlela Ukuphumula?


Download audio file

Kuhlale kuyinto eyimpambankiwinci nesambuzo odidanayo engqondweni ,ukuthi ngisho ukwazile ukuthola ukuphumula okuningi –ukulala okwanele ,ukuma kancane emisebenzini oyenzayo –ugcina uzizwa ungophumulile ekugcineni kwakho  .Kunesizathu salokho . 

Ukuphumula ngokomzimba kuyingxenye eyodwa kulesizathu .Kodwa ukuze uzizwe uphumule ngokuphelele ,umphefumulo wakho udinga ukuphumula ,nenhlliziyo yakho idinga ukuzizwa inokuthula .

Izinto ziyomelana nawe . Buzoba khona ubudlelwane obunzima .Kuzoba khona ukukhathazeka ngalokhu nalokhuya .Ngesikhathi ngilungisela le-devotion bengazi ukuthi yini engilindile osukwini ,ukubhekana nolunye udaba oluncinzayo kwiministry engikuyo .Impilo injalo ,yinto eyenzekayo kithi sonke .

Kukulokho kanye okuluqobo lwempilo okungakho uJesu ethi kithi :

NgokukaMathewu  11:28-30 “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.  Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”

UJesu uletha isimemo kithi ngesikhathi sithwele kanzima kulokhukuphila .Uyasibiza uyasimema namhlanje kanye kulemzabalazo nongqubuzano lwempilo ukuba size kuYe .Ngani  ?

Ngoba nguYe ,nguYe kuphela ongasinika ukuphumula komzimba wethu .Futhi isizathu sokuthi abaningi abakuzwa lokhu kuphumula kweqiniso ,yingoba bengisathathi ngokufanele lesisimemo sakhe.Ubungasithatha namhlanje shlobo ? Ubungakukhetha ukuphumula ?  

Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.