... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izinto UJesu Angazange Alokothe Azisho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 9:23,24 Wayesethi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele. 24 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa.

Listen to the radio broadcast of

Izinto UJesu Angazange Alokothe Azisho


Download audio file

Inkulumo eqhubekayo ,umhlaba ofuna ukuyifaka emakhanda ethu ,hle hle ihamba kanje : phila impilo emnandi ube ngojabulile .Kuba kuhle kuze kube sekusesigabeni esithile ,kunobungozi obucashe kulokho.

Bheka ,ngakube ngithi uNkulunkulu uyafuna ukusibusisa ?Nakanjani!  Anginanazi ngalokho ! Njengaye wonke ubaba ogcwele uthanda ,ufisela izingane zakhe okuhle kodwa .

Uma ugqiba isibusiso sikaNkulunkulu usixova nalenkulumo yomhlaba engokuzicabangela wena kuphela ,uyogcina uthathe umzila ongesiwo neze .

Isiphaphamiso .Nazi izinto uJesu angazange azisho : Lalela inhliziyo yakho .Yiba ngoneqiniso kuwe.Themba imizwa yakho namandla akho .Zizwe kamnandi ngokohlobo lomuntu onguye .Into esemqoka ukuzigcina uthokozile .Yiba ngumuntu omuhle nje

Nakuba lezimfundiso zizwakala zijwayelekile ,ngeke kodwa wazithola zingumlomo kaJesu .Kodwa nansi into uJesu ayisho.

NgokukaLukha  9:23,24 Wayesethi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele.
24 Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa.

Lokhu sihlobo kuyinto ehluke ngamalengiso kulokho umhlaba ongakutshela khona .Kunokukhetha okudinga ukwenziwa yithi ngamunye kulendaba .Jabula uzizwe umuhle umnandi ngawe siqu,yiba nje ngumuntu omuhle ….kumbe thatha isiphambano sakho umlandele uJesu .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.