... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

His Redemptive Intent

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Zefaniya 3:16,17 Ngalolo suku kuyakuthiwa kulo iJerusalema : “ungesabi Siyoni ,izandla zakho mazingadangali.UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho ,iqhawe eliyakukusindisa ;uyakujabula ngawe ngentokozo ,athule othandweni lwakhe ,ethabe ngawe ngokuhlabelela”

Listen to the radio broadcast of

His Redemptive Intent


Download audio file

Ngesikhathi sesiqala ukuhamba ezikhathini ezinzima ,siyaqala sizibuze ukuthi . Akuve sengihambe ngaledlula ibanga lami ? Ngakube usangithanda noma  kunje uNkulunkulu ? Kumbe ngakube usekhathele yimi? 

Kunezikhathi eziningi lakhona abantwana bakaNkulunkulu baphuma endleleni ,bekhonza izithombe ,benza izivumelwane nezizwe ezimbi,bengabenzi ubulungiswa ,benganaki  abampofu ,bethe shi ekonakaleni kokuziphatha kabi,bekhombisa ukwehluleka kokholo lwabo kuNkulunkulu owabakhipha eGibhithe wazobafaka ezweni lesethembiso. 

Kahle hle iThestamente Elidala lonke lingokwehluleka kwabo ukumazisa nokumhlonipha uNkulunkulu [okuyisimo soluntu leso]. Kwesinye salezozikhathi uNkulunkulu washo nasi isahlulelo esihlabayo kubo:

Zefaniya  3:1-2 Wo kohlubukileyo ,muzi ocindezelayo!  Awuzwa izwi ,awumukeli ukulaywa ,awumethembi uJehova ,awusondelanga kuNkulunkulu wawo.

Ebese futhi kuthi maduze nangu esesho lokhu ,ngokubahlalele kwikusasa labo :

Zefaniya  3:16,17 Ngalolo suku kuyakuthiwa kulo iJerusalema : “ungesabi Siyoni ,izandla zakho mazingadangali.UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho ,iqhawe eliyakukusindisa ;uyakujabula ngawe ngentokozo ,athule othandweni lwakhe ,ethabe ngawe ngokuhlabelela”

Ukusuka esonweni ,ekwahlulelweni,emiphumeleni yesono ,ekukhuthazweni,ekukhululweni,ekunqobeni ,ekuthokozeni ,ekuhubeni.Yisilendelano esilokhu siphindaphindwiwe .Ngani ? Ngoba uNkulunkulu uyasithanda. 

Noma ngabe izinto sezibheda kanjani kuhlale njalo [yebo njalo] kukunye akuhlosile ngukusihlenga .Ekugcineni kwakho konke ufuna ukukubuyisela kuYe … ethabe ngawe ngokuhlabelela!

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.