... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uzolingwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 17:1 Wayesethi kubafundi bakhe: “Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo ezivela ngaye!

Listen to the radio broadcast of

Uzolingwa


Download audio file

Ukulingwa akusona isihloko esithandayo ukuzwa ngaso ,ngoba sigcwele ukusaba ngaso ngoba singathi ngqo . Kungani nginalemicabango emibi ? Ngasiphi isizathu ukuba lemicabango ilokhu ibuya idedelana ngokufutheka  kimi?  

Umzekelo : Nakhu ungena endlini yenkonzo uvese uthi mawuqalaza abantu ubabone ukuthi bahlelekile bambathe kahle konke nje okwabo kusesimeni esihle ,bese uvese ulingeke ngukuzinyeza ngenxa yesimo obhekene naso .Bona babukeka ngokujwayelekile kodwa kuwe akunjalo  !

Ngakho uSathane ukulayisha  ngamanga ukuthi indaba inawe kuphela nguwe wedwa onga qualify ukuba kulababantu .Ungumuntu ontekenteke .Awukho muhle kahle ezintweni .Yingakho ulingwa .Ungumzenzisi awuyena uMKhrestu sanhlobo .Awumelwe ukuba la kulaba abangcwele ! 

Sidinga ukukwazi ukubhekana nalawomanga asevele ngekhanda .Hlehle asivumele uJesu abhekane nawo ngqo ngoba  …

NgokukaLukha  17:1 Wayesethi kubafundi bakhe: “Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso; kodwa maye kulowo ezivela ngaye!

Kusasa sizoqhubeka sibheke ingxenye yesibili yalelivesi .Okwamanje ake sibuke lengxenyana .UJesu wathini ? Ngakube ngimuzwa kahle ?  Kungeze kwenzeka ukuba kungaveli izikhubekiso

Lokhu kuzwakala kuyi guarantee enkulu kimi ngoba kuqhamuka ngqo ezindebeni zomlomo kaJesu . Kahle hle ngesikhathi ukusopha ndlelazonke ukuphila impilo yakho uphilela uJesu kusikhathi sinye zizokunetha . 

Isilingo ngokwaso asisona isono .Wonke umuntu othanda uJesu naye uyalingwa njengokuba nawe ulingwa .Hhayibo phela noJesu walingwa ndlelanye njengokuba nawe walingwa . Ngakho ungavumeli ukuba usathane akukhohlise ngamanga akhe ngoba iqiniso lithi ,kune guarantee ukuthi izilingo zimelwe ukuza !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.