... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungenza Kanjani Ukungehluleki

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 5:19 Khona uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.

Sewake wathatha igxathi ukwenzela uNkulunkulu utho oluthile ngokholo ,unesibindi nokushisekela ,kodwa ugcine uthe vuh phansi ngobuso?

Nami kwake kwangenza .Bese simangale ukuthi kungani uNkulunkulu engazivezanga .Nkosi wenzani ? Ngikwethembile kodwa ungilahlile !  

Kungumuzwa ojwayelekile  lowo kubo bonke abazame ukwenza utho benzela uNkulunkulu bagcina behluleka. Nokho uJesu akazange ahlulekele nakwintoni na.

Ngisho nala khona wayebukeka njengesehluleki esikhulu somhalba ngamhla elenga esiphambanweni-lokho kwagcina kuba ngukunqoba okukhulu  emlandwini wonke woluntu .

Yebo nebala kwesinye isikhathi uNkulunkulu uhlela izinto othi mawuzibuka ngeso labantu zingukwehluleka ,kodwa okuthi mawuzibuka uphezulu ku -veranda wasezulwini ,zonke ziyingxenye yohlelo lwakhe .

Kwezinye izikhathi yingoba siphume ngokukholwa ,sangaqala sezwa sabheka kuye , ukubona ukuthi ngakube lomqondo wethu omuhle bewuyingxenye yini wecebo lakhe .

Okusiletha emfihlweni kaJesu ka  100% wokushaya iqophelo eliphezulu lempumelelo :

NgokukaJohane  5:19 Khona uJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: INdodana ingenze lutho ngokwayo, kuphela lokho ebona uYise ekwenza, ngokuba lokho akwenzayo yena, neNdodana iyakwenza kanjalo.

UJesu akakaze ahluleke ngukusindisa lowo ayehlele ukumsindisa .Akazange azike ngamhla ehamba phezu kwamanzi .Ngesikhathi ememezela ngokunesibindi ukuthi amanzi mawaphenduke iwayini ,kwenzeka lokho ngqo .Ngani?  

Ngoba wenza kuphela lokho abona uYise ekwenza .Waqhubeka waba sentandweni kaYise.Ngakho uma uzophuma ngokholo ,qala ubheke kuNkulunkulu kuqala umbuze ;thandaza ufune intando yakhe ,ukuze ugcine sewenza lokho kanye uBaba akwenzayo !

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.