... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Uthando Luya …

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 KwabaseKhorinte 13:4,5 Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi; aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu

Listen to the radio broadcast of

Uthando Luya …


Download audio file

Angikaze ngibe ngumuntu okitazwa ngama idea a-crazy  “Kungani usho into ngamagama angu 4 uma ubungawasho ngawu 40?”

 Ulimi olunokondisiwe kusenokwenzeka lubahlabe umxhwele abanye ,kodwa asethembeke ,kuyenzeka okuncane kungeneli  ngokuphelele ezikhathini eziningi .

Usuku ngalunye  uma ngibhala lama devotion ngisebenzisa isikhathi eside emva kokuba esebhaliwe ,ukuwahlela ngononina ,ukuhlela ulimi lube ngolulula oluzwakalayo ,ukungena enhliziyweni kaNkulunkulu ngizwe akushoyo eZwini laKhe .

Ngoba umsebenzi wami akuwona ukukuhlaba umxhwele ngamagama  nesisoka esimnandi ,kodwa ngukukucobelela uthando lukaKhrestu olunamandla ,ngokusobala nokucacile .

Yingakho ngisithanda kakhulu lesisibhalo .Amandla akuso ngamagama asobala anothile ,ayamangalisa .

1 KwabaseKhorinte  13:4,5 Uthando luyabekezela, uthando lumnene, alunamhawu, uthando aluzigabisi, aluzikhukhumezi;  aluziphathi ngokungafanele, aluzifuneli okwalo, alucunuki, alunagqubu

Ake sigxile kulamagama angu 4. Uthando luyabekezela, uthando lumnene

Mangase kuthiwe lawomagama amane ubengaphilwa ngokuqhubekayo ngokumile ngabantu bakaNkulunkulu emhlabeni jikelele ,yimi nawe  lasikhona ,nakanjani besingaguqula umhlaba ,awukuvumi lokho ?

Ngolunye usuku izinto kimi zaziza macala onke .Ngangiphansi kwengcindezi enkulu futhi ngaqaphela ukuthi ngase ngiqala ukungabi mnandi kubantu abangizungezile .

Ngakho ngathi ukuma kancane ,ngahosha umoya  qede ngavumela amandla kaNkulunkulu athululwe enhliziyweni yami ngalawamazwi amane .Ngokuphazima kweso aguqula inkambiso yami  nezenzo zami

Uthando luyabekezela, uthando lumnene .Lawo ngamagama amane anamandla kakhulu ukungena enhliziyweni yakho qede aguqule zonke izinto .

Uthando luyabekezela, uthando lumnene Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.