... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Empilo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 5:20,21 Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; woyikhombisa imisebenzi emikhulu kunalena ukuba nimangale. Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.

Akukho ukungabaza ukuthi uJesu wenza izimangaliso ezimangazanayo impela .Wenza olunyonga ahambe ,ongaboni abone ,uLazaru avuke ethuneni .Kodwa lalithini iphuzu ngakho konke lokho ? Zonke lezozimangaliso zithini kithi namhlanje ?

Ezinsukwini ezimbalwa besikhuluma ngesimangaliso sikaJesu sokwenza lo obengahambi ukuba athabathe uhlaka lwakhe qede ahambe .Akukucabange ukukubona lokho kwenzeka .Akuzicabange kunguwe leyondoda futhi ukubona ngawo omabili ngqo kwenzeka lokhu .

Manje futhi sisaqhubeka sifunda sikhuluma ngezimangaliso zikaJesu nakuba sekwadlula iminyaka engu 2000.Ngani ?     Lezomangaliso zibheke kuphi? Zichazani kithi namhlanje?  Nakhu ngomlomo wakhe

NgokukaJohane  5:20,21 Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo yena; woyikhombisa imisebenzi emikhulu kunalena ukuba nimangale.  Ngokuba njengalokhu uYise evusa abafileyo, abaphilise, kanjalo neNdodana iyabaphilisa labo ethanda ukubaphilisa.

Impendulo ? Ngukuthi mina nawe sazi ukuthi uJesu unamandla  –ungamandla –ukusinikeza impilo ,impilo yangempela ,impilo engunaphakade ! Ngaphambi kokubeka impilo yethu kuJesu sasifile ezonweni ;siyizidumbu ezihambayo emhlabeni ,sifile ngokwesihogo ngokwephakade uqobo .

Kodwa manje uJesu weza empilweni yakho  kwase uMoya wakhe wakunika umudla  ,intshisekelo yokukholwa kuye .Ukukholwa kuye ukholwe yini? Yimpilo ! Impilo echichimayo ayethembisa ukukunika yina kulomhlaba;impilo engunaphakade akunika yona ,ngokholo ,ngokuvuka kwabafile .

Ngiyindlela neqiniso nokuphila akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.