... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukulindela Okukhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 6:14,15 Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso uJesu asenzayo, bathi: “Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni.” Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, bambeke inkosi, wamonyukela futhi entabeni yena yedwa.

Listen to the radio broadcast of

Ukulindela Okukhulu


Download audio file

Manje lobucwazicwazi bemihlobiso obubizwa ngesehlo esehla eminyakeni engu 2 000 eyadlula ,busiphatheleni kulesikhathi samanje esikuso ?

Ezinsukwini ezimbalwa ubonile ukuthi ama-Israel alididanisa kanjani icebo likaNkulunkulu lokuza kukaMesiya kulomhlaba ,bacabanga lokhu okungesikhona ngaYe . 

Babelindele iNkosi eyisiqhwaga eyayizonqoba ixoshe amaRoma ezweni lawo lesethembiso angaphinde alubhade ;uMesiya owayezobasindisa ezimweni zabo .Kodwa uNkulunkulu wayenza okukhulu kakhulu .Wabathumela iNdodana yaKhe ukubasindisa ezonweni zabo . 

Kodwa nala khona uJesu wayesindisa ngokunamandla exolela abantu izono zabo ,abazange bayibambe nalapho imfihlo !

NgokukaJohane  6:14,15Kwathi-ke abantu bebona isibonakaliso uJesu

asenzayo, bathi: “Impela lo ungumProfethi ozayo ezweni.” Ngakho-ke uJesu azi ukuthi bazakuza, bambambe, bambeke inkosi, wamonyukela futhi entabeni yena yedwa.

Uyabona ? Babesafuna ukumenza abe yiloluhlobo lweNkosi ezongena khaxa ezimweni zabo ,iba sindise kuzo .UJesu waphendula ndlelani kulokho ?  wamonyukela futhi entabeni yena yedwa.

Kukangaki siphindaphinda into eyodwa ncimishi .Nkulunkulu ngisindise kulenkinga .Nkulunkulu yenza umlingo wakho  esimweni sami . 

Yebo,uNkulunkulu ukhona ezimpilweni  zethu uyingxenye impela .Uyasithanda .Kodwa isizathu sokuza kukaJesu kwabe kungukukusindisa ezonweni zakho . Ukuze uma ukholwa nguYe ungabhubhi kodwa ube nokuphila okuphakade . Ngiyacela sihlobo sami esithandekayo mvumele enze lokho kanye akuzela emhlabeni ,ngempilo  yakho 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.