... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuloangazelela UNkulunkulu Kakhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Eksodusi 33:18-20 Wayesethi : ‘Ake ngibone inkazimulo yakho”. Wathi : “ngiyakudlulisa phambi kwakho ubuhle bami ,ngilimemezele igama likaJehova phambi kwakho,ngibe nomusa kuyena engithanda ukuba nomusa kuye,ngibe nesihe kuye engithanda ukuba nesihe kuye”.Wathi : “awunakubona ubuso bami ngokuba akukho muntu ongabona ubuso bami aphile”

Listen to the radio broadcast of

Ukuloangazelela UNkulunkulu Kakhulu


Download audio file

Kunokucinga okujulile ezimpilweni zethu kokuthi ingani lempilo ingempela ,nokho iningi lethu alikaqondi namanje .Lokhu kucinga ngenhliziyo kugcwele nokuthi loKhisimusi ungani ingempela  .

Ngumuzwa lo engaba nawo eminyakeni eminingi ngicinga nokho kwakungafiki ukuneliseka .Ngukulangazelela omunye wabakhona eBhayibhelini owakushisekela naye wabhekana nakho  .

Eksodusi  33:18-20 Wayesethi : ‘Ake ngibone inkazimulo yakho”. Wathi : “ngiyakudlulisa phambi kwakho ubuhle  bami ,ngilimemezele igama likaJehova phambi kwakho,ngibe nomusa kuyena engithanda ukuba nomusa kuye,ngibe nesihe kuye engithanda ukuba nesihe kuye”.Wathi : “awunakubona ubuso bami ngokuba akukho muntu ongabona ubuso bami aphile”

UMose wayefuna uNkulunkulu ,ukumbona ukumazi .Nokho uNkulunkulu wayazi ukuthi akekho noyedwa ngisho nayo inceku yaKhe uMose angaphila uma embone ubuso nobuso .Ngakho uNkulunkulu wamkhombisa okunye okuhlukile ,uthando lwaKhe ,umusa waKhe ,ubuhle baKhe obuphelele kodwa hhayi ubuso baKhe .

UNkulunkulu waze wazibiza ngegama laKhe elikhethekile  – YAHWEH – igama elabe lingcwele kakhulu ku-Israel owawungalokothi ukulithimisela ! 

Kodwa kwaze kwaba sekuguquka konke ngoKhisimusi wokuqala lakhona uNkulunkulu wahamba waphila phakathi kwethu . Njengokuba uJesu washo lokhu ngaye “ Noma ubani obone mina ubone uBaba ongithumileyo .”

Ngakho uma ubulokhu unalokhu kulangazelela osekuhlale kuwe iminyaka eminingi ,ngakho yazi lokhu .Impendulo nguNkulunkulu uqobo lwakhe .Manje sewungabubona ubuso baKhe .NguJesu lowo  . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.