... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Luphile Ukholo Lwakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KuThimothewu 1:5,6 ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena. Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami

Listen to the radio broadcast of

Luphile Ukholo Lwakho


Download audio file

Nanku umbuzo onzima. Uma ungumuntu okholwa kuJesu,wazi kanjani ukuthi ukholo lwakho luyilo ngokwempela ? Ngoba kunalezozinsuku ukholo oluye luzwakala lubuthaka ,angithi? 

Phela lezinsuku ziyasifikela sonke ,nami ngiyazibala .Mhlampe kungazwakala kuyisivumo esingajwayelekile  sivela kumshumayeli kodwa siyiqiniso .Okuyintokozo kimi kulokho ngukukhumbula ukuthi izinto azincikile esikalini sokholo lwami –uJesu wafuna nje isikali esingangenhlamvu encane yesinaphi  

Sesikushilo lokho ,kukhona mina nawe esingakwenza okuqhelisa ukungabaza , okusiholela ekunqobeni ,sibheke ohlelweni lukaNkulunkulu ngezimpilo zethu .Nanko futhi amagama abhalwa nguPhawuli umphostoli ,ebudaleni  bakhe ewabhekise kuThimothewu owayesemusha:

2 KuThimothewu  1:5,6 Ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu

uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena.  Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami

Kafuphi ,ukholo olungenazenzo lufile . Ingakho uNkulunkulu efuna ukuba ukhumbule isipho akuphe sona .Lokho okunguwe kuphela okuthi mawukwenza kube nguwe kuphela, okungenakwenziwa ngomunye umuntu .Ngoba ngesikhathi usisebenza usenza lesisipho kwenza ukuba lolokholo olungangenhlamvu yesinaphi luphenduke lube ngumlilo onamandla uqobo. 

Ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe!

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.