... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungabi Namahloni Ukwehluleka

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KuThimothewu 1:8 Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu

Listen to the radio broadcast of

Ungabi Namahloni Ukwehluleka


Download audio file

Ukwehluleka akuyona into esithandayo ukuxoxa ngayo ngoba sivese sizibone siyizintuthwane namaqhwagi kulokhu kuphila okudumisa impumelelo zikhathi zonke . 

Angingabazi ubile nakho ukwehluleka okuthile empilweni yakho ,okuncane okwazile ukukufihla ngaphansi kwezingubo bangabona abantu ,kodwa kukhona futhi  nokukhulu ohlulekile ukukufihla ,okubonwe yizwe lonke qede kwakhona nabakugxekayo ngakho . 

Abantu abaningi bengenza konke ukufihla ukubonakala kokwahluleka kwabo .Kodwa ngikholwa ngukuthi masihluza kahle imiqondo yethu siyazi ukuthi nanoma ubani obeke ukholo lwakhe lwaqonda thwi ekusebenziseni izipho zakhe zokomoya ukukhazimulisa uNkulunkulu ,nakanjani sizoba nakho ukwehluleka ngezinto ezithile kwesikwenzayo endleleni . 

Manje wenze najni ngalokho ,ubhekana  kanjani nakho ? Nangu uPhawuli umphostoli futhi ekhulisa uThimothewu osemusha  :

2 KuThimothewu  1:8Ngalokho ungabi

namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu

UJesu wabukeka eyisehluleki esikhulu  emhlabeni ngamhla elenga kulesosiphambano “Ungabi namahloni ngaYe” .Buka nje naye uPhawuli uqobo waba yisehluleki kanjani ngokwamehlo ,nakhu simbona eyinto eboshwa kalula athathwe agqonywe ejele . “Ungabi namahloni ngami”. Okuthi mayesebuka uThimothewu [nathi] “hlanganyela nami ukuhluphekela ivangeli”  .[Khumbula ukuthi ngokwethu ukuhlupheka sikubuka kulingana kufana nokwehluleka] 

Ngakho wenze njani ngokwehluleka kwakho ? Ungabi namahloni ngakho .UNkulunkulu uzokupha amandla ukukunqoba wedlule kukho . 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.