... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Hlela Kahle Okuseqhulwini

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izenzo 20:24 Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.

Listen to the radio broadcast of

Hlela Kahle Okuseqhulwini


Download audio file

Kukangakanani ucabanga ngezinto eziseqhulwini kuwe ?  Kukangakanani uzikala engqondweni nasenhliziyweni yakho qede uphume nesiphetho esisho ukuthi yiziphi ezisemqoka kakhulu   kunezinye ? Yikuphi okumele ngikwenze namhlanje ,kusasa nangosuku olulandelayo ? 

Abaningi abasenzi isikhathi sokucabanga ngokuthi yikuphi okusemqoka kakhulu ezimpilweni zabo ngoba baphila ngokunqaka lelobhala eseliqhamukile leza kubo ,bazithola bematasa ngokubhekana ngokwehla nokwenyuka kwemizwa yenhliziyo yabo ,bephila bevele ngekhanda emanzini .Cishe yisimo osaziyo lesi,angithi  ?  

Futhi okugcina sekuyikho esima ngakho kulezizimo zonke kuba ngukuthi sizigcina sizinze kanjani futhi sikwazi ukugqwashalaza sibheke phambili .Okwesibili kuba ngukulwela ukuzigcina sisebuntofontofweni ngezimo zonke .Okwenza siveze singene kulokho osekuqhamukile singazibuzisisanga ukuthi yikho yini okuseqhulwini ,okugcina kusiholela ophathe ,sibone seziyimi emthumeni ?

Okuthi uma impilo isisijikijela ngamagabadi ,sivese sixolele ukuqhela sime eceleni sesixakekile .Ake siqaphele lokhu ngoPhawuli umphostoli .Wayenezinto ezehlukile eziseqhulwini kuye:

Izenzo  20:22,23 “Kepha manje, bhekani, mina sengiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuzakungehlela khona, kuphela ukuba uMoya oNgcwele uyafakaza kimi imizi ngemizi ethi izibopho nezinhlupheko zingihlalele.

Okwathi ekwenzekeni kwezinto ,yilokho kanye okwagcina kwenzeka eJerusalema .Manje yini eyamqhubela kulelocala ? Lowomgwaqo wawuthatha kanjani ? 

Izenzo  20:24 Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.

Shlobo sami kubeke phezulu okuseqhulwini kuwe ,zisuka nje .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.