... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Phuma Ezonweni Zakho Ezifihliweyo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Amahubo 90:8 Ubekile amacala ethu phambi kwakho,izono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho.

Listen to the radio broadcast of

Phuma Ezonweni Zakho Ezifihliweyo


Download audio file

Eminyakeni eminingi sibabonile abaholi abanohlonze eBandleni belimala .Ngale kongabazane ,ukuwa kwabo kunomnyombo wesono thizeni ebesezenzeka esithe ,sifihlakele .Kunesifundo esikhulu kulokho kithi sonke . 

Uma unento oyenzayo okudinga uyifihle kwabanye ,okungaba ngunkosikazi wakho ,umyeni wakho ,abangani bakho,izingane zakho …ngakho ihlolisise  leyonto .Ngoba kunamathuba amaningi ukuthi ibandakanya isono . 

Futhi ngesikhathi abanye bengengebone ,kodwa ukhona obonayo .Nangu uMose ekhuluma noNkulunkulu :

Amahubo  90:8 Ubekile amacala ethu phambi kwakho,izono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho.

Shlobo sami yazi ukuthi maduze uNkulunkulu uzoziveza ekukhanyeni lezozono ezisithekile . Lokho kungenzeka kulokhukuphila njengokuba kwenzekile kubaholi abaningi esichaze ngabo.

Kubuhlungu khona kodwa kungcono khona kwenzeke kanjalo .Ngoba okungenani kuzokunika ithuba ukuphenduka kukho ,ukuyeke ubuyele kuNkulunkulu ukuba akuthethelele. 

Okungaba nzima kakhulu ngukuthi isono sakho esifihlakele singaveli manje sivele kuphela ngosuku olukhulu lokwahlulelwa ,lokho kuyoba muncu ngoba liyobe lingasekho ithuba lokuphenduka . 

U-Charles Spurgeon wake washo lokhu : “Nkosi sikhulule kulabo abayizingelosi emphakathini ,abangcwele ebandleni kodwa bengamadimoni emakhaya”

Ngingakuphonsela inselelo namhlanje ukuba uthembeke oqobweni lwakho .Unaso isono esifihlakele esiqhubeka empilweni yakho ? Ngakube ubambelele kulelidemoni mawuwedwa kodwa bese uziveza uyingelosi emphakathini ?  

Uma kunjalo ,thatha igxathi ,usilethe ekukhanyeni .Bhekana nakho phambi kukaNkulunkulu .

Ngoba Yena uyazibona izono zethu ezifihliweyo 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.