... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UMusa Omangazayo Ngokukhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaJohane 1:16 Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.

Listen to the radio broadcast of

UMusa Omangazayo Ngokukhulu


Download audio file

Umusa yinto enganakekile kulezinsuku eyinqabakutholwa. I-system yomhlaba ilindele ukuthi ugobele kulokhu okuthiwa kwenze ukwenze ngendlela yayo.

Ikulindele ukuthi udlale indima yakho engatheni kulokhu kuba ngumshini ongacimi kwayo . 

Uma lokho kuzwakala sengathi ngikhuluma ngomqondo oyincithakalo emphakathini okhululekile ,ake uqalaze la okhona . Kukangakanani inqubo yakulomhlaba yokuphila ebizwa ngenhlakanipho ekulimaze khona?

Kukangakanani abantu bekubukela phansi ngenxa yokwehluleka kwakho ,sikubeke eceleni nje okokuthi bakunxephezele qede bakukhuthaze uhlabele phambili ,ukubona kungakanani lokho?

Ngumhlaba ongaxoleli lo esiphila kuwona .Usiphoqa ukungena egejeni lawo uma singangeni uthi buyela eceleni ayikho indaba yakho .

Yebo nebala umusa yinto emfimfayo ,ngaphandle uma uphendukela kuJesu yila ongawuthola khona .

NgokukaJohane  1:16 Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa.

Kuzwakala kululimi oluqinile nebala .Phezu kwawo wonke amaphutha ethu ,ukuhlubuka kwethu ,kahle hle ngenxa yakho kanye ,uNkulunkulu wathumela uJesu ukuze asigixabeze ngomusa waKhe ,awuthulule kithi ungumusa phezu komusa ,ukuzwelwa nguye ebesingakufanele .

Njengokuba u-Billy Graham  wathi uNkulunkulu uthatha ababuthakathaka abenze babe ngabaqinile . Uthatha abangcolile abenze babe ngabahlanzekile .Uthatha abangelutho abenze abalulekile .Uthatha abaneso abenze abangenasono .

Yeka ukuba lula ukusebenzisa leligama elithi umusa ,silisho singalinaki ,silijwayele nje ezindebeni zethu ,silahlekelwe ngukunotha kwalo nomhlomulo walo wengunaphakade nezibusiso zalo ezichichimayo ezimpilweni zethu  ngenxa yalo.

Ngingakukhuthaza namhlanje ukubheka kuJesu ,ukuhlala ebukhoneni baKhe ukuhaqwa ngokumangalisayo ,ukumukela emseni wakhe ,umusa phezu komusa .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.