Yiba Nesibindi Nasezikhathini Ezingaqondakali
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Umshumayeli 7:14 Yenama ngosuku lwenhlanhla kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolo uNkulunkulu ulwenzile njengalolo,ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona ngemva kwakhe .
Noma ngabe yini esibhekana nayo empilweni ,enhle nembi .Konke okwenzeka ngaphandle kohlala njalo kusithinta ngokokuthi thina sesiyibuka kanjani impilo .
Kuyisisho esicacile ukuthi izimo ezinhle zinyuswa umfutho kahle kithi ebese kuthi lezi ezingemnandi zivese zisiqede amandla kuxege namadolo . Imizwa yenhliziyo yethu igubhaza ngokuhambisana nesimo esesiqhamukile .Ekugcineni kosuku phela ngubani obengathanda ukubhekana nokungahambi kahle kwezinto empilweni ?
Sengikushilo lokho izivuvatha zempilo zinendlela yokusisonta qede zisithi fofolozi phansi sisale sididekile .Ake ukucabange lokho .Yini empilweni yakho othi mawuyibuka ubone ukuthi wawungeke uyikhethe uma kwakuya ngawe? Ikwenza uzizwe kanjani ?
Ndlela thize ,ukwehla nokwenyuka kwemizwa kuyimpilo kodwa manje inkinga phela uNkulunkulu wayengasidalelanga ukuphila emshwibekweni wokwehla siyenyuka okukagingqigongqo uqobo lwawo. Akekho ofuna ukuphila kanjalo .Ngakho ….
Umshumayeli 7:14 Yenama ngosuku lwenhlanhla kepha ngosuku olubi qonda ukuthi nalolo uNkulunkulu ulwenzile njengalolo,ukuze umuntu angafumani lutho oluyakuba khona ngemva kwakhe .
Uqiniso ngukuthi uNkulunkulu ungophethe konke kuzo zonke izimo ezisehlelayo … namhlanje ,kusasa nango mhlomunye . Futhi ndlela zonke simelwe ukujabula uma impilo imnandi ,esikhathini lakhona uNkulunkulu esenzela okuhle –akukho oku wrong ngalokho .
Kodwa lakhona izikhathi zinzima ,khumbula lokhu : ukuthi nalezozikhathi ziqhamuka esandleni seNkosi ,simelwe ukuyithemba ngakho konke esipha khona.Ngakho ngokuzayo mhla ubhekene nezikhathi ezinzima uyoba nesibindi nokuqonda ukuthi zonke izinsuku zenziwe nguJehova .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.