... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukubuka Ukholo Lwakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 3:17,18 INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko. 18 Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.

Listen to the radio broadcast of

Ukubuka Ukholo Lwakho


Download audio file

Ukholo lwami nolwakho aluphili ngokuzimela ezimzweni ;emphakathini;ezintweni ezisikakile ezenzekayo.Kuqhele ngamalengiso kulokho .

Ukholo lwethu lumelwe ukuba ngolwempilo yansukuzonke … lokho okusibeka esimweni sokudideka ukuthi senze njani esimweni esididanayo .

Nansi la ekhona ,nanku umbuzo okumele ngabe sizibuza wona kaningi ningi : ngakube ukholo lwami lukhombisa kakhulu isikompilo lami,indlela yami yokubuka ipolitiki ,izimo zami zezomnotho ,kumbe ukholo lwami lukhombisa uJesu ? Ngamanye amazwi lungayiphi indlela ?

Kwabaningi luqhamuka ngendlela yezwe hhayi ngoJesu .

Ukholo lwamaKhrestu amaningi lubumbeke  ngokwepolitiki nemali futhi baningi  kithi abangakuvuma lokho .Ucabangani ? Ngesikhathi usazihlola ,nansi indlela okumele kusebenze ngayo  :

2 KwabaseKhorinte  3:17,18 INkosi inguye uMoya; kepha lapho uMoya weNkosi ekhona, kukhona inkululeko.
18 Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.

Esikhundleni sokubumbeka ngokwezindlela umhlaba ocabanga ngayo ,okuyizindlela zezinkambiso ezihamba ziphelelwe ngamandla ,simelwe ukuba nalo ngendlela kaJesu emhlabeni .Ngeshwa lokho kuyinto ephambene ngamalengiso kumakholwa amaningi  .

Futhi uma kunokwenzeka njengokuba kumele ,inkazimulo kaNkulunkulu ,iyanda,ikhazimula kithi ngokophawu lokukhombisa ukholo lukaNkulunkulu ,esikhundleni sokuba imukiswe yizinto ezenzekayo emhlabeni . Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni,

Yiyona ndlela okumele kusebenze ngayo …

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.