... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungayigibela Intaba Enkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseKolose 3:23,24 Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu, nazi ukuthi niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.

Listen to the radio broadcast of

Ungayigibela Intaba Enkulu


Download audio file

Kunini lakhona wawubhekene nentaba eyayinde ngalendlela yokuthi kwakunzima ukuyiqwala ? Usakhumbula kwakuqeda amandla kanjani kunye nangendlela okwakubukeka kungenakwenzeka ngayo ?

Mumva ngo May 2016 kwafika omunye umlisa kuBerni ezomtshela ukuthi : “Ngicabanga uNkulunkulu ukubizela ukuqala ama devotion akwa TV ansukuzonke  .” Kwambiza nje imizuzwana emibili ukuba nesiphetho sokuthi yintaba engenakuqwaleka lento eshiwo yilobaba .Uthi wamtshela zonke izizathu ezazikhomba ukuthi yinto engenakwenzeka ,kodwa okwathi nje mayephuma kwakhona iphimbo elinyenyezayo ukuthi yintando kaNkulunkulu le abezoyisho lomuntu . 

Masihlabela phambili kulendaba ,njengamanje sekuyiminyaka eyi-7 negxenye aqala ukuba khona lama devotion sekukhiqhizwe angu 2500. Lokho okuchaza ukuthi ngama idea angu 2500, ama-script, ukuqopha , ukushuthwa  … konke kwenzeka kwidevotion ngayinye . 

Manje ngithe angikucobelele lokhu hhayi ngokuqhosha kodwa ukukukhuthaza  … ukwazi ukuthi ukuze uqwale izintaba ezinde udinga ukuqala ngegxathi elilodwa . 

KwabaseKolose 3:23,24 Konke enikwenzayo kwenzeni ngenhliziyo, kungathi kwenzelwa iNkosi, qha abantu,  nazi ukuthi

niyakwamukela umvuzo wefa eNkosini. Khonzani iNkosi uKristu.

Ngale kongabazane ngiyazi uNkulunkulu unento afuna umenzele yona enzima eyintaba engenakwenzeka kodwa ngaYe engenzeka . Noma ngabe yini ,inqobo makungokweNkosi ,vese uzijube uziphonse ukwenze ,uthathe igxathi ngalinye . Ngoba ekugcineni umvuzo wakho uvela kuYe .Noma ngabe yini iNkosi ekushoyo kuwe ,ngiyakukhuthaza ukwenze ngisho kubukhuni satshe .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.