Ingcaciso Yemizwa Yenhliziyo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 9:4-6 “Ongenalwazi makaphambukele lapha”,kongenanqondo kuthi[ukuhlakanipha] :wozani nidle isinkwa sami,niliphuze iwayini engilivubeleyo. Yekani ubuwula niphile ,nihambe ngendlela yokuqonda .
Enye yezinto iningi lethu elingelihle kuyo ,ngukufunda imizwa yenhliziyo yomunye omuntu – andukuba sisho kumbe senze lokhu ebesifuna ukukusho nokukwenza .Kodwa kukhona nenye into futhi esedlulele kuyo .
Futhi leyonto ngukuqonda isimo semizwa yezinhliziyo zethu kuqala andukuba sisho noma yini esifuna ukuyikhuluma .Mhlawumbe uzizwa uphansi ,ngakho esikhundleni sokubonga omunye umuntu ,uvese umphathise okwento esikhundleni somuntu . Kumbe mhlawumbe udiniwe ,ugcine usho into ungazange wabona sanhlobo kwakhona ukuthi udiniwe ,ngeke usaphinde uwabuyise amagama osuwashilo kulowomuntu.
Imizwa isengabila okwephalishi uqobo ,angithi ? Futhi indlela esikwazi ukuyibona nokuphendula emizweni yethu neyabanye abantu ,inomphumela onamandla ukuthi sogcina siphila hloboluni lwempilo .
Yebo ,ngakho namhlanje ;namhlanje kanye inhlakanipho kaNkulunkulu iyamemeza:
Izaga 9:6 “Ongenalwazi makaphambukele lapha”,kongenanqondo kuthi[ukuhlakanipha] :wozani nidle isinkwa sami,niliphuze iwayini engilivubeleyo.
Yekani ubuwula niphile ,nihambe ngendlela yokuqonda .
Impendulo ukuthola ingcaciso ngemizwa yenhliziyo ngukudla nokuphuza inhlakanipho kaNkulunkulu .Futhi iZwi laKhe ,iBhayibheli ligcwele phama inhlakanipho kaNkulunkulu .Uhlobo lokuqebuka kuvuleka amasu enhlakanipho ,amandla kaMoya oNgcwele ,yiwo kanye esiwadingayo ukuwacabanga kuqala ukuthi sizizwa sinjani enhliziyweni ngaphambi kokuba sivule imilomo yethu senze okuthile .
Uhlobo lwamasu enhlakanipho esiludingayo ngukuthi lomuntu yena uqhamuka esimweni esinjani ,kwenzekani empilweni yakhe .. Ngakho iZwi lithi … Yekani ubuwula niphile ,nihambe ngendlela yokuqonda .
Yilokho kanye uNkulunkulu asibizela kukho.Yilokho kanye akubeka etafuleni ukusisiza ..
Ngoba yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.