Inhlakanipho Okunzima Ukuyemukela
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 KwabaseKhorinte 2:7,8 Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade, okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo
Izikhondlakhondla zakulomhlaba ,osozigidi ,abaphathi bama social media bonke banento eyodwa efanayo . Njengamanje baphethe amandla okushanela kwasani ilandele bona ,kodwa masisha bazodlula emhlabeni .
Sewake wacabanga ukuthi yini elola indlela yokucabanga kwakho ?Hloboluni lwezinto ezakhe izibuko obuka ngazo izinto ezenzeka esizweni namhlanje ,nakho konke lokho okwenzeka empilweni yakho ?
Okuyikho okwakha inhlakanipho sekugudluziwe ,kulelikhulunyaka nje elincane elilodwa .Indaba ingokukhohlwa izindlela zokuziphatha zakudala kodwa kuhanjwa ngezintsha ,singathini mhlaphe sithi kuyashibilikwa endabeni yokuziphatha kulandelwa intshelelezi etsheni qede unyawo shwi luye la iluyisa ngakhona Imiphakathi inokuhlukanapha okuningi .Futhi izinxushunxushu zibangelwe ngukukhuluma kwabantu abambalwa abayiteaspon olwandle kodwa abanamandla amakhulu .
Kukho konke lokho nangu uJesu evela enenhlakanipho esiyaziyo ,ekujuleni ,esebenzayo-kodwa inkinga kwabaningi okunzima ukuyimukela .Nakhu la khona uPhawuli umphostoli ebhalela abaseKhorinte .eminyakeni engu 2000 eyadlula ,:
1 KwabaseKhorinte 2:7,8 Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu
emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade, okungaziwa namunye wababusi balesi sikhathi; ngokuba uma bebekwazi, babengayikuyibethela esiphambanweni iNkosi yenkazimulo
Kwakudinana kucikana kanjalo ukuhlakanipha kukaNkulunkulu mumva ,ngangokuthi baze babethela uJesu esiphambanweni ngenhloso yokukuphika nokunekela izwe akuyinto yalutho .
Abaphathi bamandla nabalandeli babo selokhu kwathi nhlo bayakuphika bakulahle lokhukuhlakanipha kwakhe [ngakho akukho okusha kulokho ] .Ekugcineni kwakho konke uma babekuqonda babengeke bambethele uJesu esiphambanweni.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje