Inhlakanipho Phambi Kokuba UMhlaba Usekelwe
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 KwabaseKhorinte 2:6,7 Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesi sikhathi nokwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo. Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade
Ama newsfeed kulezinsuku kwezokuxhumana agcwele inhlakanipho eningi yawo asihehela nasibizela kuyo esitshela ngobuhle bayo ngokuhlukahlukana kwayo .
Ziningi zihlukahlukane izihloko ozithola khona kungaba zeluleko ezingavamile zezokudla ,izimpikiswano kwimqondokuphila ethile ,ukuveza ukuthi owesifazane wazilimaza kanjani emsebenzini wakhe wokuqwayiza ngokuthi abe ngoshendezeya eceleni.
Uthi mawuzilalela uze uthi kushukuthi lomhlaba esikuwo uloyiwe uqobo .
Okumangazayo ngukuthi lenkilakayitheka ibizwa iphakanyiswe ngokokuthi yinhlakanipho yilabo bakulomhlaba .Ngisho amaphephabhuku abesifazane ubelokhu eqhakambisa lezihloko iminyaka ! Ngiyazibuza ukuthi awukaze yini ulingwe ngukugwinya yonke lento .
Ngokokuhlukile ,nangu uPhawuli umphostoli eqondisa ibandla elabe ligwinya umqondo owabe ungaqhelile kakhulu nalona ,lokhu kwenzeka eminyakeni eyizinkulungwane ezimbalwa ezedlule :
1 KwabaseKhorinte 2:6,7 Kepha ukuhlakanipha sikukhuluma phakathi kwabapheleleyo, ukuhlakanipha kambe okungesikho okwalesi
sikhathi nokwababusi balesi sikhathi, ababhubhayo. Kodwa sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu
emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethu, kusukela kwaphakade
Inhlakanipho kaNkulunkulu ingebukeke ingehehanayo njengezinhlakanipho zakulomhlaba zinjalo , kodwa uthando ,inhlonipho ,intobeko ,ukuthethelela ,ubuhle siyazi ukuthi yilapho inhlakanipho yoqobo kuyiyo futhi siyazi iyasebenza.
Ungakhohliswa yinhlakanipho yabantu abazodlula masisha .Ngoba ukuhlakanipha kukaNkulunkulu emfihlakalweni efihliweyo uNkulunkulu akumisela ngaphambili kube yinkazimulo yethuYilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.