Inkazimulo KaNkulunkulu Izeduze
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 1:14 ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
Kunokuthile uma kulusuku izulu elisuke lilihle licwathile libalele kamnandi kunotho okulwenza emoyeni wakho .Sewake wazibuza kungani lokho ? Kungani sixolela ukubalela kwelanga kunemvula ,umoya ofudumele kamnandi kunohezane lomoya wamakhaza?
Enye yezinto kubantu abazibukayo uma bethenga isiza kumbe indlu ubuka ukukhanya kahle kwelanga kungabi semgodini.Akekho ofuna ukusitheka .
Sasisedlweni nonkosikazi nabanye abangani bethu ,useyasixoxela omunye umngani ukuthi uNina usuka ekamerweni elilodwa aye kwelinye ehamba efuna ukuhlala la ilanga elikhona ngakhona okukhanya kahle .
Kungani sixolela ukukhanya ? Angazi ,kodwa sixolela khona ! Nembala osukwini olumbozile ,kunesivunguvungu ,lokukhanya makungavela licwathe kahle izulu kuyoba kuhle .Akunjalo?
Ngokweqiniso yikhona kanye uJesu akuzela la emhlabeni .
NgokukaJohane 1:14 ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.
UJohane umchaza uJesu njengoLizwi ,ebese isi- Greek sithi Logos . uNKulunkulu ekhuluma kithi ,eveza inkazimulo yakhe ngokwesigubo somuntu ,yona nezinqotho inkazimulo kaNkulunkulu ,ukukhanya okukhazimulayo okuhle nomhlaba ngeke waba nazwi lokukuchaza
UJesu weza ukuze mina nawe sibone inkazimulo yakhe ,inkazimulo kaBaba ngeNdodana yakhe kuphela ,igcwele umusa neqiniso .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.