... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isibusiso Sokuthula

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Levithikhusi 26:6 Ngiyakunika ukuthula ezweni nilale phansi ,ningasatshiswa muntu ,ngiyakuqothula izilwane ezimbi ezweni ,nenkemba ayiyikudabula ezweni lakini .

Listen to the radio broadcast of

Isibusiso Sokuthula


Download audio file

Namhlanje lusuku lokubeka izikhali ,olokuthula ,lakhona sibuka emumva sikhumbula ukuphela kwempi yokuqala yomhlaba .Ngalesosikhathi kwakuthiwa yimpi eqeda zonke ezinye izimpi .Kodwa ngeshwa akuzange kube njalo .

Bangaphezu kuka 20 million abantu abafa ngempi yokuqala yomhlaba .Nakuba kuyizibalo lezi ezisondele zingekho ncimishi ,kubalelwa ukuthi sezibe ngaphezu kuka    230  ezinye izimpi  emva kwalolusuku  lapha  sibala nempi yomhlaba yesibili  ezagcina zithatha izimpilo zabantu abangaphezu kuka 70 million .Futhi asethembeke kahle hle izibalo zingaphezu kwalesi kakhulu .

Noma ngabe ubani osake wakhahlanyezwa yizimpi uyabazi ubuhlungu  nesilonda esihlala sopha singapheli enhliziyweni ,angiphathi uma izimpi zakushiya uyintandane ,kumbe ungumfelwa ,umfelokazi okanye zakushiya  ukhubazekile kuze kube  manje .

Kithi esingakaze siye empini sibhekane udede enkundleni kuqhume  isibhamu kusale izinsizwa enkundleni ,singeliqonde neze ngokunamandla leligama elithi ‘ukuthula’.Yilokho uNkulunkulu akusho ku-Israel  esikhathini esithi asibe ngu 2500 weminyaka esadlula  :

Levithikhusi  26:6 Ngiyakunika ukuthula ezweni nilale phansi ,ningasatshiswa muntu ,ngiyakuqothula izilwane  ezimbi ezweni ,nenkemba ayiyikudabula  ezweni lakini .

Kodwa lokhukuthula kwethenjiswa njengesibusiso kubo uma bezomlalela .Abamlalelanga .Bamhlubuka kakhulu okwenza zanqwabelana izimpi kubona  selokhu kwathi nhlo .

Angazi kuqhubekani empilweni yakho.Kodwa nakhu engikwaziyo ,nomangabe lungqubuzano luni obhekene nalo,uNkulunkulu ufuna usizwe isibusiso sokuthula kwakhe .Okwakho mhloniphe ,umlalele.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy