... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isimemezelo Sokuthula

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 5:1 Ngakho lokhu sesilungisiwe ngokukholwa ,sinokuthula ngeNkosi yethu uJesu Khrestu .

Listen to the radio broadcast of

Isimemezelo Sokuthula


Download audio file

Abantu abaningi badonsekelene kwimizwa yenhliziyo yabo ngaphakathi banokuzizwa bebalekela isemumva labo ,lokho bakwenza ngisho kungekho sobala kodwa kube kuzenzekela .Nami ngake ngakwenza iminyaka eminingi .Kuwe ?  

Ukubalekela izolo lakho ,izinto owazenza ,ezenziwa kuwe ezi wrong kungumuzwa okhanda ukhuntalala .Udala ungqubuzano lwengaphakathi .Uzithole ulangazelela ukuphila kangcono ngokwezinga eliphezulu kodwa kulokhu kunokukuhlebela endlebeni kukukhumbuza izolo lakho  qede kukukhinyabeze ingqondo .

Ngikwazi ukukuchaza lokho  ngokucacile ngoba nami ngibile kulesosimo .Futhi mumva nje engagcina ngiqwebuka amehlo ngabona [ngoba ngingumfundi odonsayo ukubamba] ukuthi okunye engabe ngikubalekela ,hle hle kwabe  kunguNkulunkulu uqobo .

Ekucabangeni kwami kwakukhona okwakuyaye kungitshele uNkulunkulu uyangithanda  kodwa khona kunjalo nganginamahloni ngengangikwenzile kwizolo lami futhi ngingaziboni kusasa ngizobangonjani .Kwaba njani kuwe kumbe kunjani njengamanje ?

Kwaze kwaba lusuku thizeni lakhona ngisenkonzweni nganqobeka qede ngathoba ,mhla umfundisi engitshela izindaba ezinhle ,okuyilezi  …

KwabaseRoma 5:1 Ngakho lokhu sesilungisiwe ngokukholwa ,sinokuthula ngeNkosi yethu uJesu Khrestu .

Ngamanye amazwi uma sikholwa ngukufa kukaJesu esiphambanweni ,owaya kuso ngenxa yezenzo zethu ebesifanelwe ngazo ukuba sibethelwe ,sinokuthula noNkulunkulu .Ukuthula .Ukuphela kongqabuzuno lwengaphakathi.Ekugcineni sesinokuthula ngoJesu Khrestu .

Akuzona izindaba ezinhle lezo kodwa zindaba ezithakazelekayo ezenza  sengathi ungandiza .Silungisisiwe noNkulunkulu ngokholo kuJesu ,okungaye sinokuthula noNkulunkulu .Isiphetho sinjalo nje.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy