IVangeli Lokungqubuzana ?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 12:27 Isidenge asiyosi inyamazane yaso,kepha imfuyo enqabileyo ingeyokhutheleyo .
Kunezikhathi lakhona lelivangeli likaJesu lingezwakali liyizindaba ezinhle sanhlobo .Emva kwakho konke Yena luqobo wathembisa ukuthi ukuba ngumfundi waKhe kuyokuba ngumsebenzi onzima .Pho kuyizindaba ezinhle kanjani lezo ?
Kwesinye isikhathi uzozithola ubhekene nesilingo ezinhlozini zamehlo ngokwezinga eliphezulu abangakholwa bona abangabhekani nalo .Kunalokho bayokukhaphela .Bese umyalelo kaJesu wokubathanda ndlelanye esizithanda ngayo …yeka ubuhlungu lokho okuyibo .
Izolo sibone uNkulunkulu ebhekana nezono zethu ngokuzibeka emahlombe kaJesu ,ukuze kuthi ngokukholwa nguye ,sinikwa ilungelo lokuma kahle kuye ngenxa yomusa .
2 KwabaseKhorinte 5:21 Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu .
Isipho esikhulu esinemivuzo yengunaphakade .Futhi nokho uJesu wathembisa ukuthi ukuba ngumfundi wakhe kwakuzoba nzima .
Futhi phezu kwalokho sivele sinokuzazela kahle ukuthi ukuze uphile kulempilo ufanelwe ngukusebenza kanzima .
Izaga 12:27 Isidenge asiyosi inyamazane yaso,kepha imfuyo enqabileyo ingeyokhutheleyo .
Isipho somusa kwesinye isandla ,kwesinye futhi ukusebenza kanzima .Kungani lokhu kungabi lungqubuzano ? Kukodwa kuphela engingakutshela khona .
Uma sewungena kuloluhambo ,i-slate sakho sasulwa sibe msulwa nakanjani uzobhekana nezivivinyo ezinzima endleleni .
Kodwa kuzo kanye ndlela thize uJesu uyakuguqula ube ngumuntu omusha ,lowo ahlale ekuqondile zikhathi zonke ukuthi ube nguye kanye.
Kubukeka sengathi lolungqubuzano yilo kanye olungumshado ongenakuhlukaniswa wohambo lwethu oluya ezulwini .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.