Izikhuni Zibuya Ngomkhwezeli
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 EkaJohane 2:3-6 Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe. Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye; kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye; lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena.
Iningi lethu sifuna impilo eguquliwe engcono kunalokhu .Kungani? Yingoba akekho noyedwa kithi o-perfect .Siyazi sinezikhisi nokwehluleka .Sifuna ukuzinqoba ,yingakho sifuna impilo eguquliwe .
Awukwazi ukuphila kangcono impilo yakho uma usenobumuncu ngotho oluthile olwenzeka phambilini kuwe ;uma unomhawu ngomunye umuntu ,uma unokungathetheleli kukubambile …nanoma yiyiphi enye inkiyankiya obhekene nayo kwingaphakathi lakho .
Siyakwazi lokho kodwa ,dukuduku sizithola sesikulolugibe .Kuzwakala kuyinto ejwayelekile leyo angithi ?
UNkulunkulu usithanda ngaphezu kokuchaza kwamazwi ,phezu kokuba umzali ubengasithanda ngakhona .
Ngakho inhlakanipho ukunqoba ukwehluleka kwethu kufanelekile sibe nakho ,kodwa uthola ukumangala ukuthi kusekhona abantu kwizinhlanga zonke zomhlaba abasamelene nokulalela uNkulunkulu .
1 EkaJohane 2:3-6 Ngalokho siyazi ukuthi siyamazi yena, uma sigcina imiyalo yakhe. Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini
imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye; kepha ogcina izwi lakhe, uthando
lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela. Ngalokho siyazi ukuthi sikuye; lowo othi uhlala kuye, yena umelwe ukuhamba njengalokho ahamba yena.
Nini nani lakhona ngikhuluma ngokulalela ,abantu baveze bangibize ngoqonda isazimthetho uMfarisi uqobo ,wonke amagama lawa .Kulungile ke ngiyiposi nje ungenza okuthandayo .
. Lowo othi: “Ngiyamazi,” engagcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kuye; kepha ogcina izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu luphelelisiwe kuye impela.Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.