Ngakube Ulalele Kwakhona UNkulunkulu ?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
EkaJakobe 1:5-8 Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona uyakuphiwa. Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.
Ngakube sewake wacelwa iziluleko ,qede bese uyazibuza ukuthi konje kwakhona ekuqaleni yini le eyenze lomuntu eze kuwe? Akabukeki azi.Futhi akafune kwakulalela .
Enye yezingane zami yeza kimi izocela izeluleko ,odabeni oluthile olwalunzima kuyo . Njengobaba lokho kukodwa kwangithokoza ukuthi ize kimi azozicela kimi izeluleko .Futhi okwesibili ngamcobelela inhlakanipho yokuphila .Yeka leyontokozo .
Okuyinto engiyisola kakhulu ukuthi cishe kunjalo kuNkulunkulu ,uma simcela inhlakanipho .
EkaJakobe 1:5-8 Uma-ke kukhona kini oswela ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngobuhle engajakadi, khona
uyakuphiwa. Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo
unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.
Ake sicabange kabanzi ngalokhu .Uyabona ngamehlo engqondo nkathi ingane yami iza kimi ukuthi yayinalo ungabazane noma oluncane lokuthi kungenzeka ngingamniki izeluleko ezingekho phambili? Lutho sanhlobo !
Ngakho kungani ukuthi uma sicindezelekile siya kuNkulunkulu siyothandaza sikhuleke kuye sithi , “Nkosi ngisize ngalokhu .Yini le engingayiboni ingempela ?
Ngedlule kanjani kulendaba?” … siyamngabaza . Siye simangale ukuthi konje kwakhona ukhona yini ,singayiphathi nje eyokuthi ulalele yini kwakhona .
Kepha makacele ngokukholwa engangabazi ngalutho; ngokuba ongabazayo
unjengedlambi lolwandle eliqhutshwa, ligujiswa ngumoya.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.