... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ngaphezu Kokucabanga

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaMarkhu 2:15-17 Kwathi ehlezi ekudleni endlini yakhe, abathelisi abaningi nezoni bahlala noJesu nabafundi bakhe; ngokuba babe baningi, bamlandela. Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?” UJesu ekuzwa lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”

Listen to the radio broadcast of

Ngaphezu Kokucabanga


Download audio file

Ungenzenjani mangase ungazelele kwakho noma kini usesidlweni kuvese  kutheleke usaziwayo ,odumile ovelele ezweni ,azokuba nawe esidlweni ? Ngixoxele ungenzenjani nje?

Ngake ngezwa omunye okwezokusakaza eBrithani ethi u- Prince Charles (engakabi yinkosi yamaNgisi) wake wacela   ukuzothwitha itiye naye  kwakhe .Uthi kwakungubutasatasa endlini  kulungiswa ukuthi kuzofika uMtaneNkosi kumele konke kube sesimweni esihle .        

Uthi lwaluthi gqi gqi uvalo nkashana emvulela isicabha sangaphambili ukuba angene ,sebehleli lwalokhu luthi gqi kodwa azehlise ukuze abukeke ezolile .Kuwukuhlonishwa okukhulu  ukuhanjelwa ngowakomkhulu akwandele bani ,angithi ?!

Izolo besikuLevi umqoqintela owayejivazwa ngabezwe lakubo ,nokho ngomfutho omkhulu wabizwa nguRabbi uJesu ukuba amlandele . Yazi ,futhi lendaba iyashuba ngoba …

NgokukaMarkhu   2:15-17 Kwathi ehlezi ekudleni endlini yakhe, abathelisi abaningi nezoni bahlala noJesu

nabafundi bakhe; ngokuba babe baningi, bamlandela.  Khona ababhali babaFarisi bembona edla

nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?”  UJesu ekuzwa

lokho wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa; kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni.”

Yebo uJesu wayehlala ahlale aphile  nabalahliwe nezoni,izidakwa ,abaqwayizi nabaningi .Kodwa wayengezele ukubakitaza kwabakwenzayo nxa ehleli nabo ,kumbe ukumukela izono zabo ,cha.

Ngoba kwakuthi uma sekuphetha  ukuhlala nabo ,kwakuphela ukuhlanganyela bengesekhona lokhu abaqale  beyikho ,bengasezona izidakwa namayengandoda .

Ubukhona bukaJesu esidlweni kungaguqula impilo ngokuphazima kweso .Yebo impilo yakho shlobo sami .Okwakho ukuzidela umlandele phaqa.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy