Ngiyakuthanda Nkosi !
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
IHubo 18:1,2 Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami. Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.
Incane into eqhaqhazelisana njengozamazama komhlaba . Cabanga umhlaba omi kuwo undindizela ,kungubuzizi,uyazibona sekuphahlake kwazingcungcu isakhiwo kuso qede kwangyimfuthumfuthu yamabibi wena awusabonwa nakubonwa emva kwalokho .
Ngokwabakwa livescience.com, ukuzamazama komhlaba okwakunizma kakhulu kukho konke okwake kwenzeka kuqoshwe ukwenzeka kwakho mhlaka 22 May , 1960, e Valdivia, Chile.
Kwafa abantu ababalelwa ku 1,655 izinkulungwane eziningi ezinye zalimala izigi zabaningi zasala dengwane zingasenamakhaya .Lokuzamazama komhlaba kwaqhumisa itsunami eyabulala kude le kuze kuyofika ezindaweni e- Hawaii, Japan nase Philippines.
Silindile inhlabathi engaphansi kwezinyawo zethu ibe ngeqine ngokusatshe .Futhi ngokwethembeka imvama injalo .Kuyathukela kuqhumbuke lezizehlo zemvelo eziyincithakalo . Kodwa azibona ogqwagqwa lezo ezizamazamisa zishukumbise zichithe izimpilo zethu .
Kwesinye isikhathi kungenxa yezinto ezenzeka kithi.Kwesinye isikhathi inxushunxushu isuke iqubuka kithi ngaphakathi ,esuke isihleli iminyaka andukuba iphenduke intabamlilo .
Uma ngibuka emumva kunezinto ezazimbi ngalendlela yokuthi angifiseli ngisho isitha sami esedlula zonke ?
Yikuphi esikudingayo kulezokhathi lakhona izisekelo ezeseke izimpilo zethu kuyizo ezizamazamayo ,zithu vu phansi ,nxa konke lokho esizakhele khona kuziswambithi kutheleka phansi ,kusho ukusikhipha umphefumulo ….lokhu okuyinhlabathi eqinile ezinyaweni zethu .
IHubo 18:1,2 Ngiyakuthanda, Jehova, mandla ami. Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo, nesihlangu sami, nophondo lokusindiswa kwami, inqaba yami ephakemeyo.
Vumela uNkulunkulu abe lidwala lakho nawe.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.