Nkulunkulu ,Ulalele Kodwa ?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Ihubo 86:6,7 Jehova beka indlebe ekukhulekeni kwami ,ulalele izwi lokunxusa kwami .Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe ,ngokuba uzakungiphendula .
Emhlabeni la khona okuzwakala kunamaphimbo amaningi wena ongafunga ngumuntu ememeza kunanela namawa ,imibono ehluhlukene ,ngama post ,imiqhafazo ,uhla lude ,konke lokhu kuyasimboza sikhathi sinye kuze kube sengathi wonke umuntu uyakhuluma kodwa akekho olalele . Kungaba yisikhathi somzwangedwa ikakhulukazi esikhathini sengxaki .
Sikuthatha konke lokhu itechnology esinika khona kulezinsuku .Cishe wonke umuntu une smart phone esandleni sakhe .Sithumela imiqhafazo ,simukela ama email ,siyafona ,siqhafaze iwhatsapp ,facebook ,siya poster ,instargram ,wechat ,telegram ,kuningi ukuzikhethela izinkundla ozithandayo zezokuxhumana …kodwa umbuzo ngakube ukhona ngempela olalele ?
U-Alexander Graham Bell wazalwa e- Scotland ngo 1847. Njengokuba iningi lethu lazi ukuthi ekunye nozakwabo u-Thomas Watson, wasungula ucingo –telephone . Ngo 1915 u-Bell washaya ucingo ngokokuqala lusuka e-New York City elushayela u-Watson e- San Francisco.
Uyayicabanga injabulo ngesikhathi ecofa inombolo ? Ngakube lolucingo lwaluzongena yini ebangeni elingamamayela angu 2500 ? Ngakube u- Watson wayezolubamba ? Wayezobe elubeke edlebeni eyizwa inkulumo ngale ?
Kuvamisa ukubukeka sengathi uNkulunkulu ukude le .Hleze ungumuntu omatasa ,futhi kuhlale kugcwele etafuleni lakhe .Uma umfonela ,ngakube luzongena ucingo kuye ,uzolubamba kwakhona akulalele? Uzobe elulindile ? Uzokuphendula yini ?
Ihubo 86:6,7 Jehova beka indlebe ekukhulekeni kwami ,ulalele izwi lokunxusa kwami .Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe ,ngokuba uzakungiphendula .
Shlobo sami ,uNkulunkulu uhlala njalo ehleli elindele ucingo lwakho ,ukuncenga kwakho umusa wakhe ,uhlala njalo ekulindele ukukuzwa osukwini lwengxaki obhekene nalo ,ze akuphendule .Ungalokothi ukukhohlwe lokho .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.