... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

U-size Owodwa Aweneli Bonke Abantu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 12:4-6 Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye ,kepha izithi zonke azinamsebenzi munye ,kanjalo thina esibaningi simzimba munye kuKhrestu ,kepha ngabanye siyizitho omunye nesomunye .Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo ;uma singesokuphrofetha asiphrofethe ngesilinganiso sokukholwa .

Listen to the radio broadcast of

U-size Owodwa Aweneli Bonke Abantu


Download audio file

Ngicabanga sonke sesike saba naso isimo sokulungisa utho  ocingweni kungaba umasingcwabisane ,ukukhokhela isitolo noma indaba kagesi noma yikuphi okunye ,kodwa kube ngukuthi amagama ethu ayagejana ?

Kahle hle ezikhathini eziningi kusuke kungelona icala lalo obambe ucingo .Kodwa yimiqathango yenkampani asebenza ngaphansi kwayo ,futhi qede bayenza base beyibiyela kwi computer ukuze engakwazi ukwenza okunye kodwa konke akwenze ngayo kuphela .

Uthi mawucabanga ngalento  edala sidideke siphatheke kabi ukwehluleka ukulungiswa kodaba lwethu ,kusuke kungenxa yokuthi sinomqondo othi u-size owodwa ugqokwa yiwo wonke umuntu ,kwesinye esisuke nathi sikufundiswe yiyo lenkampani kumbe lomnyango esisocingweni nayo ukulungisa esibhekene nakho .

Kodwa futhi asethembeke ,ngakube akuyona yini indlela le esiphatha ngayo abeza kithi nabasondela kithi ,sifuna ukwenza ndlelanye kubantu bonke nakuba izindaba zabo zingefani ?

Kukangaki ufuna ukuba omunye umuntu abuke izinto ngendlela yakho ,futhi ucikeke uma bengaziboni ngeyakho ,ungasho ? amaphuzu aqondile  ngalokho yialwa : uNkulunkulu wasidala ngokuhlukahlukene sonke ngamunye ,sibuka izinto ngamehlo ahlukahlukene .

Ngiyazi siyazi ukuthi kunjalo ngokwengqondo ,kodwa uma sesibhekene nobunjalo bokwenzeka kwakho kuyasisambathekisa .

KwabaseRoma  12:4-6 Ngokuba njengalokhu sinezitho eziningi emzimbeni munye ,kepha izithi zonke azinamsebenzi munye ,kanjalo thina esibaningi simzimba  munye kuKhrestu ,kepha ngabanye siyizitho omunye  nesomunye .Sinezipho zomusa ezahlukileyo ngokomusa esiwuphiweyo ;uma singesokuphrofetha asiphrofethe ngesilinganiso sokukholwa .

Ngiyakucela ungacikwa ngabantu ngoba nakhu behlukile kuwena .Emva kwakho konke yindlela leyo uNkulunkulu ahlele ngayo futhi sonke siyingxenye yomunye nomunye .

 

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.