... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UbuKhrestu Beqiniso

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 6:1,2 Ngakho siyakuthini na ,sihlale esonweni ukuze kuvame umusa na? Qha nakanye ,thina esafa maqondana nesono ,singabuye sihambe kanjani kuso na?

Listen to the radio broadcast of

UbuKhrestu Beqiniso


Download audio file

Ukuphila impilo yakho uthokozisa abanye abantu ,uzama ukuzihlekisa ukuze bakuthande ,kungumsebenzi onzima lowo ngoba abantu abaqondakali ,bangaba nawe namhlanje kusasa bakulahle .Ngikholwa ngokungangabazi nawe ubile kulesosimo .

Omunye umhlobo wami ube ngumfundisi cishe isikhathi esiyiminyaka engu 40 .Yena nonkosikazi wakhe  bebezidelile ukunakekela abantu ,okubalwa kunye nami .Kodwa okubuhlungu khona kunjalo  emva kwesikhathi eside abanye abangani bakhe ababesesifubeni bamjikela .Kwalimaza kwaliqeda ibandla lokho .Ekunye nonkosikazi wakhe kwabathatha iminyaka eminingi ukubuyela esimweni  .

Lokho kugajwa ngumhlobo wakho kuyinto ebuhlungu kodwa kuyenzeka .Kwenzeka kuyoyonke impilo ,zonke izindawo .Okungakho abanye abantu bezipha eside isikhathi lesi bezama ukujabulisa abanye abantu .Bezama ukudansela isiginci sabo .

Kodwa emshadweni omuhle awudingi ukuzuza othandiweyo wakho .Uvele uyakuthanda .Okwakho ngukuthi uphendula ndlelani othandweni lwakhe .Kunomehluko kakhulu kulezizimo .

Futhi kufana ncimishi ngoNkulunkulu .Asiguquli ukuziphatha kwethu ukuze sizuze uthando lwakhe .Uvele usemthumele uJesu ukuzosifela esiphambanweni ukuhlawulela izono zethu ,Cha ,hle hle siguqula ukuziphatha kwethu ngokokuthi siphendule othandweni lwakhe .

KwabaseRoma  6:1,2 Ngakho siyakuthini na ,sihlale esonweni ukuze kuvame umusa na? Qha nakanye ,thina esafa maqondana nesono ,singabuye sihambe kanjani kuso na?

UbuKhrestu  obuliqiniso bungukuphendula okuyikho othandweni lukaNkulunkulu ,akusikho ukufuna ukukuthola ngomjuluko .Ngumusa lowo  

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy