... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ubungani Bakho NoNkulunkulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 5:9,10 Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni. Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha, ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana

UKhisimusi okuyinto esiseduze ,yisikhathi sokugujwa ndawonye nabangani kudliwa izibiliboco o-jelly no custard .Kodwa kunomngani oyedwa esingavamisi  ukumumema esidlweni abe khona naye .

Sewake wahlamukwa wajikelwa ngumngane ? Kuyinto embi ebuhlungu .Ngingakutshela ukuthi amanye amanxeba asabhibha kimi namanje awokudayiswa ngumngane .

Futhi kwathatha iminyaka eminingi kakhulu ukuba siphole lesilonde ,nanamanje ihlale ibe khona iminjunju yezinhlungu zaso .

Eqinisweni sonke simdayisile uNkulunkulu ngemicabango yethu ,ngamazwi nangezenzo . Ngakho ukulapha ubudlelwane bethu kwabiza ukuba kwehle yena uqobo eze emhlabeni wethu ,azothwala izilonda zethu .Njengokuba sibonile izolo   …

KwabaseRoma  5:9  Ngakho kakhulu sesilungisisiwe ngegazi lakhe,

siyakusindiswa ngaye olakeni

Njengokuba u-Isaya umphrofethi wabhala ndulo ndulo ukuthi ngemivimbo yakhe saphiliswa .Kodwa ngani empeleni ? 

Kwakuyiphi inhloso ekugcineni kwakho konke uNkulunkulu ayenayo  ngalokho ?

KwabaseRoma  5:10.  Ngokuba uma sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha, ikakhulu siyakusindiswa ngokuphila kwayo sesitholile ukubuyisana.

Inhloso kaNkulunkulu okuseyiyo futhi namanje ngukuba sibuyisane naye ;ukusisondeza eduze kuye ,ukuqeda uklayeko  ngokususa izono zethu ngoJesu abe ngumhlatshelo kulesosiphambano ….ukuze sibe ngabangani abahlobo  bakhe  .

sathola ukubuyisana noNkulunkulu ngokufa kweNdodana yakhe sise yizitha

Ungalokothi ukhohlwe ngukumema lomngani esidlweni .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy