UJesu Ungena Emsebenzini
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 1:14,15 Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu, wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”
Ukungena emsebenzini omusha kuhlale kungelula .Uthatha lelogxathi ngomfutho onamandla .Ufuna kube yisiqalo esihle .Awufuni ukuphoxa abantu ngosuku lwakho lokuqala emsebenzini .
Uzakwethu uthi mumva le ezinsukwini esa-consultor emsebenzini wakhe we- IT lakhona wayeqala iproject yosuku nge-client elisha ,Lezonsuku zazinzima kakhulu kuye .Ezibuza ekaze kumi kanjani kuzogcina kunjani? Yibaphi abanye abakulendima okungamele abanqamule oqukulu ?
Ngakho ake sithi uyiNdodana kaNkulunkulu .Kuze kube yimanje bewuzihlalele unethezekile esitolo sakini sokubaza saseNazaretha ,uzenzela angazi nomka ake sithi izihlalo ,izicabha ,amabhokisi omncgwabo mhlawumbeni .
Kodwa ebese luyafika usuku la okumele uthathe igxathi uyokwenza lokho ubaba akuhlelele ukukwenza akulethele khona emhlabeni .
Ngakho uJesu waluhamba kanjani loluhambo esuka kokudala ezongena kokusha ;kwakujwayele ,ezongena kulomsebenzi omusha ozomholela esphambanweni ?
NgokukaMarkhu 1:14,15 Emva kokuboshwa kukaJohane uJesu wafika
eGalile eshumayela ivangeli likaNkulunkulu, wathi: “Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”
UJohane umbhabhadisi usegqonywe ejele –maduze uzolengiswa .Ubungacabanga ukuthi uJesu uzogxoba abheke engasondeli kulomsebenzi ,lutho akubi njalo .Kunalokho umemeza abantu ukuba babhekane nezono zabo ngqo ,uphonsela inselelo izinjwayelo zabo ;ubabizela ukuphenduka ebubini qede babuyele kuNkulunkulu .
Wazithatha ngoku serious izono zethu , ngangokuthi wayekulungele ukwendlala impilo yakhe ngathi ,ukuze siphume kuzo .
“Isikhathi sigcwalisekile, umbuso kaNkulunkulu ususondele; phendukani, nikholwe yivangeli.”
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.