... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukuhamba Ungathwele

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseHebheru 12:1 Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo.

Listen to the radio broadcast of

Ukuhamba Ungathwele


Download audio file

Kunesizathu ukuthi kungani abasubathi abaphumelelayo abathwali izinto ezisindayo .Uma bekuthiwa bakwenzile lokho ngoba abazange baphumelela kwakhona ekuqaleni  komjaho

Nebala lokho kunguchaza okuyikho okusobala .Kodwa ngesikhathi sibona labasubathi  beyimincwi  bephephuka  ngokokungathi abanagazi namisipha enamajaqaba njengeyethu ,kuye kube kuncane ukucabanga ukuthi ayikho sanhlobo indlela yokuthwala umthalo osindayo ,qede baqhubeke benze lokhu abakwenzayo .

Sonke ngamunye sinomjaho osibhekile ukuwugijima .Lowo kanye oyofinyelela entanjeni kulomhlaba kanye esiwunyathelayo .Kodwa inkinga abaningi bakhetha ukugijima umjaho wabo bethwele umthwalo  ngaphezulu ,isisindo esinganesidingo  esizobenza behlelwe lijubane  futhi ongabenza ngisho bakhubeke bawe besathi bayagijima.

KuMaHebheru  12:1 Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo.

Isithombe esidwetshe la ngesomgijimi egijima umjaho wakhe  phambi kwezihlwele eziningi .Kungumsebenzi onzima ,umjaho awenzelwanga ukuthwala izinto  .

Manje kungani wena uzithwese okuzokusinda  ,ulayishe zonke izinto lezi esikhwameni sakho ,lowomthwalo wesono ozokugijimisa kancane ,uthandele kuwe  na?  Akuwakhi sanhlobo umqondo .

Ngakho baningi abantu bakaNkulunkulu abafuna ukuhamba “ngomoya” ebudlelwaneni obunothile noJesu .Yebo kuhle lokho ,ngakho igxathi lokuqala  masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.