Ukuhlolisisa Uhlobo Lwabantu Ophila Nabo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 KwabaseKhorinte 6:14,15 Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?
Ukholo lwakho nolwami kuNkulunkulu alumele luncibilike qede lushabalale .Lutho sanhlobo ,icebo likaNkulunkulu ngukukhulisa ukholo lwethu ngisho kuthiwa kunezigodi namagquma okuphila ,konke ukwenza ukuze sizuze futhi akhazimule .
Izolo siqala loluchungechunge olufishane olungokuthola amandla amasha okholweni olufadabalayo ,besisabela esicelweni esenziwa ngowesifazane olalela le Fresh devotion zonke izinsuku .Ekukwenzeni lokho sixoxe ngezingqinamba ezimbili ezidonsela phansi ukholo lwethu ;isikhwama esisindayo esisithweleyo esisuka naso kwisemumva lethu esisenza sihambe sicothoze kunye nesono esisenza sithi vuh phansi .
Namhlanje sizobuka ingqinamba eyimbangela yesithathu okuluhlobo lwabantu esiphila nabo esibagcinayo empilweni yethu .
2 KwabaseKhorinte 6:14,15Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba kunakuhlanganyela kuni
ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? Unakuzwana kuni uKristu noBeliyali na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?
Nebala sizozungezwa ngabantu abangakholwa nguJesu Khrestu .Kumele futhi kube njalo .Simelwe ukukhazimula ukukhanya kwakhe ezimpilweni zabo .Kodwa ake ukuqaphele indlela uNkulunkulu akhomba ngayo uhlobo lwalobudlelwane bethu nabo ,uma ethi … Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo
UNkulunkulu akushoyo la ,ngukuthi ukujula kwalobobudlelwane okugcina sekuyibo ,kusikhathi sinye sivumela labo abangakholwa nguJesu ,yebo labo kanye ngisho abamelene noJesu bagcine sebesifaka umthelela wohlobo lokuphila abakuphilayo ,okusikhathi sinye kanye ubuhle bethu buzophenduka bubengububi babo .
Ufuna ukholo lwakho lukhule kuNkulunkulu ? Ngakho ungavumeli abangakholwayo bakuhlehlise kuJesu . Konke kuncike ekutheni uphila nobani empilweni yakho .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.