Ukulungisela Indlela YeNkosi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 1:4-6 Kwavela uJohane ebhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono. Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni iJordani, bevuma izono zabo. UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe, edla izinkumbi nezinyosi zasendle.
Ngokwe –experience yami mhlawumbe nakweyakho futhi ,UNkulunkulu wenza izinto ezethusayo ,izinto esisuke singazilindele ;izinto ezisishiya simangele …kungani ?
Ake uthathe nje uJohane umbhabhathisi ,uNkulunkulu amthumela phambi kukaJesu ukuba njengokusho kweBhayibheli alungiselele indlela yeNkosi .Kulungile ke lokho .Mhlawumbe indlela yayidinga ukulungiswa.Kodwa wayengumuntu ongaqondakali nembala :
NgokukaMarkhu 1:4-6 Kwavela uJohane ebhapathiza ehlane, eshumayela umbhapathizo wokuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono.
Kwaphumela kuye izwe lonke laseJudiya nabo bonke abaseJerusalema, babhapathizwa nguye emfuleni
iJordani, bevuma izono zabo. UJohane wayembethe eyoboya bekamela, enoqhotho lwesikhumba okhalweni lwakhe, edla izinkumbi nezinyosi zasendle.
Uboya bekameli,amaqhwagi nezinyosi ..? Ngale kokuthi wayephandle ehlane [hhayi esinagogeni ,hhayi ngisho ethempelini ] abantu babetheleka kuye bezozwa umyalezo wakhe owawungehli kahle : phendukani ukuze nithethelelwe izono zenu ,ngamafuphi singathi ,phendukani !
Akuwona umyalezo abantu abaningi abafunayo ukuwuzwa .Asithembeke kulokho ,ngakube wena ngumyalezo lo owawlangezelelayo ukuyowuzwa ? Kodwa nokho kunjalo babeza bezinkumbi kuye .
Kubukeka sengathi uNkulunkulu enhlakaniphweni yakhe ,wayazi ukuthi abantu badinga ukuguquka okunamandla andukuba balungele ukubeka unyawo kukaJesu ezimpilweni zabo .
Shlobo sami ngakube sewubile nalologuquko lwenhliziyo na? Ngakube sewukulungele ukudedela isono esinamathela kangaka emphefumulweni wakho ? Egameni likaJesu phenduka ,guquka empilweni yakho khona izono zakho ziyakuthethelelwa .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.