Ukuzithiba Nokukhuthazela
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 EkaPhethru 1:3,5-6 Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe…… ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba,nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu
Uyazi kunjani uma usesimweni lakhona uphelelwa ngukukhuthazela kumbe ukubekezela .Into ethile kumbe umuntu elokhu ekuchukuluza …futhi uqale uzwe kushisa emzimbeni .Sonke sibile kulesosimo .
Ngikhuluma njengomuntu osasindiswa emqondweni wokuba yi perfectionist ,lowomuzwa ongemnandi wokufutheka ngolaka akuwona umuzwa engiwuthokozelayo ,okubiza ngiwuqaphe zikhathi zonke empilweni yami .
Yebo sibonile kulezinsuku ezimbalwa ezedlule uNkulunkulu usinike kumbe ukulungele ukusinika wonke amandla esiwadingayo ukuze siphile impilo engubuNkulunkulu .Kodwa futhi noma kunjalo kuncike kithi ukubambisana naYe.
2 EkaPhethru 1:3,5-6 Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza
ngenkazimulo nobuhle bakhe……ngalokho
nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba,nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu.
Izolo sikhulume ngokuzithiba.Akulula angithi ? Kodwa khona kunjalo ukuzithiba kuyisithelo sikaMoya Ongcwele njengokuba nokubekezela nokukhuthazela kuyiso .
Futhi okuthi masujula kahle uqonda ukuthi ukuzithiba kungukwenza ukubekezela esikhathini eside.Omunye athi awu ngempela ? Yebo kunjalo nebala .
Angikutholi kulula lokho ,kodwa engikwenzayo ngalezokhathi masengizwa sengathi uflour uyakhukhumala manje … ngiyaye ngithandaze ngithi : Nkosi ngicela ungiphe ukubekezela .
Futhi angikutshele ngenhliziyo yami yonke akakaze ehluleke ukungenelela mangimcela . Nasekuzithibeni …ukukhuthazela.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.