... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukwehla Kahle Kwebhanoyi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isambulo 5:8 Kuthe seliyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, kuyilelo nalelo linehabhu nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.

Ngiyazibuza ekaze mawusuke uthandaza –futhi nebala ucwaningo luyasitshela ukuthi baningi abantu abathandazayo  –sewuke  ukucabange ukuthi imithandazo yakho iphelela kuphi ? Ukuthi uNkulunkulu Yena uyibuka kanjani ?  Mthelela muni kumbe mandla eqhaza lini enalo?

Ngisola ukuthi abantu abaningi abacabangi ngalokho ,kunalokho bavese baphonse nje imithandazo yabo bethembe okuhle .Sewake wacabanga ngayo ?  Sewake wakucabanga ukuthi imikhuleko yakho ibukeka kanjani ezweni laseZulwini ?  

Encwadini emangalisayo yeSambulo uNkulunkulu usidwebela isithombe esihle semthandazo yethu :

Isambulo  5:8 Kuthe seliyithabathile incwadi, izidalwa ezine namalunga angamashumi amabili nane awa phansi phambi kweWundlu, kuyilelo nalelo linehabhu nezitsha zegolide zigcwele impepho eyimikhuleko yabangcwele.

Imikhuleko yethu injengomcengezi  wegolide ogcwele impepho phambi kukaJesu  – yeka isithombe esikhazimulayo semikhuleko yenyuka ibheke kuYe . Kodwa manje qhaza lini enalo la kulomhlaba ?  Ngake ngathathwa ngokuthile okwabhalwa ngumhlobo wami emsebenzini weNkosi lapha e-Africa u – Lowell Wertz nakhu akubhala mumva nje :

“Ukuxhumana ngomkhuleko noBaba  kwemukelwa nguYe  futhi kuyisiqiniseko senduduzo kithi .Siyakhuleka ngoba siyadinga futhi siyamthanda uNkulunkulu .Futhi ufuna ukuzwa kithi .Imikhuleko yethui iyazwiwa ezulwini .Umkhuleko wami owawusuka ezinsweni zami wenzeka ngamhla umshayeli webhanoyi omusha  ezama ukwehlisa ibhanoyi ebhuqwini lalapha e-Afrika lakhona futhi kunesivunguvungu  esikhulu . Lakhona ngangingaboni lutho kuluthuli yonke indawo ngakhuleka ngemihele emikhulu ngiphezu kwamaphiko namaphaphu ebhanoyi .UMoya oNgcwele wenza ukuthi kuzole qede lakwazi ibhanoyo ukwehla ngendlela efanele enganabungozi  .”

Umkhuleko wakho  uyamukelwa ezulwini futhi uneqhaza elinamandla la emhlabeni olenzayo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.