Ukwesaba UNkulunkulu Nezibele
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 EkaPhethru 1:3,5-7 Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe…… ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba,nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu. Nasekumesabeni uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.
Izibele ngenye yezinto enamandla ukuguqula impilo emhlabeni .Ngisho isenzo esincane sezibele singaqulua usuku lomuntu kakhulu .Njengetshe elincane eliphonswa esizibeni likhanda imisebe emanzini ebonwa ngokucacile .
Kunomgwaqo engivamise ukushayela kuwona oba busy kakhulu ,okwenza kube nzima makusuke kune traffic eyi bumper to bumper .
Ngakho ohlangothini olulodwa lomgwaqo ngiye ngivumele imoto eyodwa ingene .Futhi emva kokuyifaka lemoto ngiye ngilokhu ngiyibuka nkathi siqhubeka sishayela emgwaqweni ,njalo lemoto eyodwa igcina nayo seyingenise ezimbili izimoto emgwaqeni .
Ngokwakho mawucabanga lezimoto ezimbili ezingenisiwe zizokwenza kuphi zona ? Nazo zizongenisa ezinye .Konke lokho kungenxa yesenzo esincane esisodwa sezibele !
Manje asihlali zikhathi zonke sizizwa sinezibele ,kodwa uNkulunkulu uvele usesinikile amandla ezibele .
2 EkaPhethru 1:3,5-7 Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe……ngalokho
nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba,nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu. Nasekumesabeni
uNkulunkulu ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando.
Shlobo sami ngicela ukukutshela ukuthi isenzo sakho sothando sezibele singakhanyisa usuku lomuntu lungafani nakuqala , …okuyothi ngabo lesosenzo siphindaphindwe ezimpilweni zabanye abantu phezu kobungakucabanga .
Uma ufuna ukuphila impilo yakho ngokungcono kakhulu ,yiba nothando nezibele .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.