... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ulwazi Nokuzithiba

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 EkaPhethru 1:3,5-6 Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe,… ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi, nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu

Sonke sinezinto ezisichukuluzayo kalula masibhekene nazo  –ngisho ungawumuntu ongathintwa wubala  ngokufanayo nakulowo futhi  ovese ancinzeke kalula .

Mangase ngibuze  yikuphi okushesha kukunyusele ushukele ?  

Kimi kubili .Okokuqala ngabantu abangidlela  isikhathi  sami .Njengomuntu ohlale amehlo ewathe njo ekufezeni izinto eziningi ngesikhathi esifanele ngakho angithandi umuntu angichethele isikhathi sami ,ngisho kuwumzuzu .

Ngakho makukhona umuntu ochitha isikhathi sami ayi uzozibonela nawe kuzoba njani ,ovese udede endleleni!

Okwesibili ngabantu abenza into ewrong ngabomu ,njengo driver othi umlandela avese angayishayi i-indicator ukuthi useyajika futhi ujikela ngakuphi ; nabantu abavese  baxoxe bame esiphithiphithini sekumele  kume wonke umuntu kwazise indawo yokudlula incane .Ewu uyabona kunzima lakimi ?!

Usukuzwile okwami wena yini evese ikunyusele ushukela masinya ? Futhi umbuzo olandelayo ngukuthi uzoqhubeka uzivumela lezonkambiso  zikudlebelekisa ,kumbe kukhona ozokwenza ngazo  ?

Kuleliviki sikhuluma ngokuphila kangcono kakhulu ,ngokwalenhlakanipho kaNkulunkulu :

2 EkaPhethru  1:3,5-6 Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe,… ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi,  nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ukumesaba uNkulunkulu

Ukuzithiba kungaba nzima ukuba nakho kulezokhathi kanye ezichukuluza ubuwena Kodwa zithini izindaba ezinhle ?

 UNkulunkulu usevele usinikile amandla,nebala konke siphila ukuphila kwethu sizinikele kuYe .Futhi ngeqiniso nebala ukuzithiba  kuyisithelo sikaMoya oNgcwele .

Ngakube nawe njengathi sonke ukuthola ukuzithiba kunzima ? Awuwedwa makunjalo  .

Makunjalo vese ucele uNkulunkulu ,uzokunikeza ngokuchichimayo .Ngoba ukufunda ukuzithiba  kuyisidingo esinqala  uma uhlose ukuphila impilo yakho ibe ngengcono kakhulu  ..

Ngalokho nengezela inkuthalo yonke nelekele ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi,  nasekwazini ukuzithiba

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy