UMdali Odeliwe
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 1:10,11 Wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga. Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga.
Njengokuba ukhisimusi ususeduze ,into elula kwabaningi ngukuvese bazibe ukhisimusi ongakho –njengokuba ungoJesu bamzibe.
Wonke umuntu akhulume ngendaba yokuthi kuzodliwani konje ngokhisimusi kulungiswe zonke izibiliboco kodwa ibekwe le kude ekaJesu .
Kunendoda engike ngahlangana nayo mumva nje .Igama layo bekungu Andrew .Isiyangibuza lendoda ukuthi ngenzani .Ngakho ngibe sengimtshela ukuthi ngingumshumayeli .
Okube esehwaqabala ubuso khona manjalo wathu : “suka angiyingeni sanhlobo leyomfishimfishi mina .Yinganekwane nje indaba yokukholwa” .
Inhliziyo ingakashayi ngamandla ukuba ngizizwe ngiphoxiwe la kodwa umuzwa owangifikela kuqala kwaba ngukudabuka .
Ngoba kwakuyiyona ndlela ebengizophendula ngayo eminyakeni edlule .Futhi yiyona ndlela izwe eliphendula ngayo eminyakeni engu 2000 edlule .UJohane umphostoli ubhala athi …..
NgokukaJohane 1:10,11 Wayekhona [UJesu] ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga. Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga.
Mhlawumnbe nawe uyafana kancane no Andrew .Uma kunjalo yazi lokhu .Ngoba uJesu uyaphila .Weza ukuzokusindisa .
Uyakuthanda .Umthandazo wami ngukuthi uzinikele kuye abe yiNkosi noMsindisi wempilo yakho .Ingunaphakade lakho lincike kulokho !
Kumbe mhlawumbe sewuvele uyamazi uJesu empilweni yakho kodwa unomuntu onjengo Andrew olokhu ekhuluma kuwe .
Ngakho ngiyakucela ukuba umkhulekele lowomuntu zonke izinsuku ,uma iNkosi ikuvulela umnyango ucobelelane nabo ukuthi uNkulunkulu ukwenzeleni .Ingunaphakade labo lincike kulokho .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.