... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UNkulunkulu Muhle

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ihubo 86:5 Ngokuba wena Nkosi umuhle ,ungothethelelayo ,unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe .

Listen to the radio broadcast of

UNkulunkulu Muhle


Download audio file

Sewake waqaphela ukuthi kulula kanjani ukulahlekelwa  yizinto ezimqoka empilweni  esikhathini lakhona okusuke  kukuningi amehlo emnyama kuwe kungelula nokubhekana nosuku ngalunye ? Yingakho dukuduku kusemqoka ukulokhu sikhunjuzwa okusemqoka ukwedlula konke okunye  .

Nginonkosikazi ongithandayo kakhulu ,ungukotini othunga uhlanganise umndeni wethu ndawonye .Ugcwele uthando nguye owenza amakhekhe ama birthday emndenini  wethu .Ungumuntu ogcwele icreativity futhi uyangithanda kakhulu .

Manje mina ngiphila impilo ematasa kakhulu enganikani isikhathi ,ungizwe kahle angisho ukuthi angikuthandi engikwenzayo  kodwa kungigcina ngingenasikhathi neze .Ngakho kulula ukuthi ngigcine ngangaqaphelile ukuthi unkosikazi wami ungithanda kangakanani .Futhi lokho kuyingozi embi impela  .

Kulula kanganani kithi futhi ukulahlekelwa luthando lukaNkulunkulu  – uthando olukhulu kangaka ,okungalo uJesu wanikela  impilo yakhe  ukuze sibe nobudlelwane obunothile nobunamandla amakhulu naye?

Ngakho uma kungukuthi yinto oyidingayo le namhlanje ,nansi le ekhona  ukukukhombisa lokho engikushilo phambilini :

Ihubo  86:5 Ngokuba wena Nkosi umuhle ,ungothethelelayo ,unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe .

Shlobo sami uNkulunkulu muhle zikhathi zonke .Kungakhathalekile ukuthi wenzeni ,uyohlala njalo ekuthethelela –yingakho uJesu wafa ukukuhlawulela izono zakho ,ukuze uthethelelwe .

Futhi uthando;  uthando lwakhe olungenakunyakaziswa ngawe  luyachichima luvela enhliziyweni yakhe, 24/7, kusuka manje kuze kube se phakadeni .

Kukodwa kuphela odinga ukukwenza ngukumbiza futhi uyothulula umusa wakhe ,intethelelo ,ukuchichima ,uthando lwakhe oluqinile lwezibele ezingaguquki  phezu kwakho.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy