Usawoti Odumele
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 9:50 “Usawoti muhle, kepha uma usawoti engasenabusawoti, niyakumhlaziya ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”
Usawoti yinto esiyisebenzisayo ukukufaka ekudleni okungena taste kumbe ekudleni okuzo taster kangcono . Usemqoka kangako kodwa kumbalwa sicabanga ngawo .
Esikhathini esithile usawoti wawusemqoka ngisho kunegolide .Kulezinsuku usungumkhiqhizo ongatheni .Koda mangase kube nomuntu ofake lo powder omhlophe kodwa ungenzi lutho ekudleni kwakho uyokwenzenjani ? Uyivese uwuthathe uwuphonse kude le .Okuyolona phuzu alishoyo la :
NgokukaMarkhu 9:50 “Usawoti muhle, kepha uma usawoti engasenabusawoti, niyakumhlaziya ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”
Wenza ukumatanisa la ngamandla obusawoti kanjalo nempilo yabafundi bakhe .Noma ubani okholwa nguYe ,onoMoya wakhe ,uMoya oNgcwele ,uMoya Ongcwele ephila kubo .
Lokhu kusinika izinga lekumele sibe yikho ukungeza itaste ezimpilweni zabanye ,kuyinto ekhethekile lokhu okuchaza –uthando oluzidelayo ,ububele ,ubumnene,inhlakanipho nentobeko okwengeza ingcebo enkulu ezimpilweni zabo ngaphezu kokuba amagama ubengachaza .
Kodwa empeleni uma singamvumeli uJesu ukusiguqula ,hle hle sibe yilowomuntu kanye ,ukwenza lezo zinto ,uma kunjalo kobe kuchaza ukuthi ukholo lwethu kuye ,noMoya wakhe kithi akusizi lutho njengalosawoti odlise ngobumhlophe kodwa i-taste dololo.
“Usawoti muhle, kepha uma usawoti engasenabusawoti, niyakumhlaziya ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.”
Shlobo sami uma ukholwa nguJesu ,ungusawoti afuna ukuwengeza awufake ezimpilweni zabantu abalusizi nabalamele kulomhlaba .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.