Yiba Nenhliziyo Emsulwa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 Izikronike 28:9 “Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.
Sesibile nesimo lakhona umuntu enze utho [hhayi kuwe kuphela ngokokungathi bekunganele kuwe kuphele ] kodwa akwenze nakawabanye ngezinhloso ezinhle ,ngenhliziyo emsulwa .Akuwona umuzwa omangaziyo lowo?
Futhi angingabazi usubile nokuphikisana nalokho okungokuhlukile nagmanye amazwi ,lakhona umuntu enze utho kuwe ,ekwenza ngegqubu kodwa .Ungakuzwa emazwini abo ,kumbe enkambweni yabo ,kumbe indlela abenza ngayo izinto kuwe .
Bazokonzwa ngesandla esigodliwe ,kanti lo omunye yena wenza ngezandla ezivuliwe zonke aze badlulele .
Lokho kukhulisa iqophelo elihle lenkonzo yakhe lo owenza ngobumlhophe ebese ngakolunye uhlangothi lo omunye kumehlisa izinga.Angithi ?
Yingakho inkosi uDavide yedlulisa lolucezwu lwenhlakanaphi endodaneni yayo :
1 Izikronike 28:9 “Wena Solomoni, ndodana yami, yazi uNkulunkulu kayihlo, umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango; uma umfuna, uyakufunyanwa nguye; kepha uma umshiya, uyakukulahla kuze kube phakade.
Akukhona kuphela ukuthi uNkulunkulu uyawezwa amazwi ethu ,abambe inkambo yethu ,abone ukuzenzisa kwethu uhlola izinhliziyo zonke. uqonda zonke izizindlo zemicabango.
Singacabanga kanjani ukuthi loNkulunkulu uzosisiza esikhathi sokuhlupheka kwethu,aphendule kahle ekuziphatheni kwethu okunephunga elingehogeleki ? Uhlobo lwenkambo esephuca isenzo senkonzo enengcazo ?
umkhonze ngenhliziyo epheleleyo nangenhliziyo ethokozayo, ngokuba uJehova uhlola izinhliziyo zonke, uqonda zonke izizindlo zemicabango
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.