... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ziqaphele Izinhloso Zakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseFiliphi 2:3 Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.

Listen to the radio broadcast of

Ziqaphele Izinhloso Zakho


Download audio file

Ngakho  kuninini phambilini ukugcina kwakho ukusho nokwenza into ,okuthi masubuka emumva ,kwakungeyona into enhle ukuyisho nokuyenza ,wake wama wazibuza ukuthi wawukwenzelani ?

 Imvama asize sama sazibuza lokho .Sivese sihlabele phambili ebese sigcina siphinda lelophutha kanye esalenza .Ungaze ufunge ukuthi sesifundile ngokwaphambilini ,akubi njalo?  

Sonke sinezindlela ezivuthiwe ,izindlela zokuziphatha  esilokhu siziphinda phinda kaningi .Ake sithi kunomuntu thizeni ongamthandi ,ngakho uma lukhala ucingo lwakho uvese ubone ukuthi ewu kanti yilomuntu kanti uvese ungaluphenduli ucingo lwakho .Ngani ?

Yebo,mhlawumbe ubungavele uthi ukuthi awufune kuzixaka nokuxakeka engqondweni  .Awufune kumuzwa ekucefezela ngalokhu nalokhu ,kumbe ekugxeka ngalokhu nalokhu .Kulungile kuyezwakala lokho .

Kodwa ake ngikubuze ,nhlosozini kumbe okukushukumbisayo ukuthatha lesosinqumo ?

Ngakube ngukuzinaka wena kumbe ukunakekela lomuntu onenkinga ?  Ngakube ukwenza ngoba ufuna ukuzigcinela ukuthula kwakho kumbe ukugwema ukumnika izwi lenkuthazo alidingayo kakhulu empilweni yakhe elizomsiza ?

Kungebe ntofontofo ukuzibuza ukuthi ziyini izinhloso zethu .kodwa simelwe nakanjani ukuzibuza.Ebhala ngoJesu uPhawuli umphostoli unalokhu akushoyo :

KwabaseFiliphi  2:3 Ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani.

Ohamba aphawule ukuthi waya esiphambanweni ngenxa yabanjengami nawe ,phezu kokuba singabantu okungelula ukuphila nabo kodwa yena waya ngenxa yethu .Njalo uma sekuziwa endleleni ophatha ngayo abanye ,hlala njalo uzibuza ziyini izinhloso zakho  kumbe intshukumbo  .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.