Emlotheni
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 37:31-32 Abasindileyo bendlu yakwaJuda abaseleyo baykubuye bagxile phansi ,bathele izithelo phezulu .Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insali nasentabeni yaseSiyoni abayikusinda ;ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakukufeza lokho.
Inhlaba bathi inamandla amaningi okubuyisela okungasekho emzimbeni –restoration powers .Kungenzeka kube liqiniso lokho .
Kodwa nakuba kunjalo ngeke ube naso nesiqiniseko sokuthi abamabhizinisi ababe sebethola ithuba yini kulokho ,mhlampe bahlobise nje ngayo kulezozicwalo zokuzithanda ,benza ukuba ipackage ikhulume ngamandla okubuyisa okulahlekile esikhumbeni njalonjalo ngawo amandla enhlaba lesicwalo esithakwe ngayo .
Ebhizinisini kuyasebenza lokhu ngoba phela igama lokubuyela esimweni sakho linamandla kakhulu .Njengokuba omunye uzakwethu okwa IT owayevamise ukuthi iyinto enehuho ekwenza ufune ukusondela kuyo .
UBerni uthi wathuka ngamhla kwenye i-email sebemchaza njengekhehla –nakuba imisipha yakhe kuleminyaka engu 65 anayo esakwazi ukugijima ehle ngezitebhisi emabhilidini esikhundleni se lift . Uthi eyy sengathi naye angake athole lomlingo wenhlaba imenze azizwe elibhungu elincane !
Akesibeke amahlaya eceleni ,sonke sinawo umuzwa wokufuna ukubuyiseleka amandla amasha -restoration;kunezikhathi lakhona sizizwa sikhathele,sintekenteke sibuthaka ,kunezikhathi lakhona okuba nomuzwa wokuthi sengathi konke lokhu ebesikujabulela ngokungachazeki sekuphenduke umlotha uqobo lwawo .
Njengokuba incithakalo yayishoshela kwa –Israel lakhona okuningi okwabe kuyisakhiwo eJerusalema kuzophenduka umlotha ,nakhu uNkulunkulu akusho kubona :
Isaya 37:31-32 “Abasindileyo bendlu yakwaJuda abaseleyo baykubuye bagxile phansi ,bathele izithelo phezulu .Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insali nasentabeni yaseSiyoni abayikusinda ;ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakukufeza lokho.
Kuqhume uhlaza emlotheni uqobo lwawo ,izimpande ezijulile eziphetha zithela izithelo ezichichimayo phezu kwenhlabathi …
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.