Esikhathini Esinzima Ukuthanda
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 5:43-45 “Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho, uzonde isitha sakho.’ Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.
Izikhathi nezikhathi sizithola sihlangana nabantu abazigudla kabi kithi – kwesinye isikhathi abantu abasicunulayo, basidelele ,bafune ukusilimaza. Siye sifise enga asihlangananga nabo kodwa kwenzeka . Manje pho yikuphi ingempela ongakwenza ngabantu abanjalo ? Ubenzenjani?
Abanye bethu ngokwemvelo bayazwela kakhulu kunabanye. Mina ngokwendlela uNkulunkulu angenza ngayo ,siqinile esami isikhumba siyaphuza ukuzwela . Abanye ,njengowakwami ,banesikhumba esithambile esisheshayo ukulimala .Kodwa akukhathalekile udaleke kanjani ,sizofika sona isikhathi sokuthi ubezwe bekugquza abagquzi abahlale belinde ukukuhuzula .
Yini ingempela lababantu bengabi ngabantu abamnandi njengabanye abakhona empilweni yakho ? Hle hle yini bekwenze kube ngumsebenzi wabo ukuba yizitha kuwe ? Futhi wena siqu-ke manje uzobhekana kanjani nabo ?
NgokukaMathewu 5:43-45“Nizwile kwathiwa: ‘Wothanda umakhelwane wakho,uzonde isitha sakho.’
Kepha mina ngithi kini: Thandani izitha zenu, nibabusise abaniqalekisayo, nibaphathe kahle abanizondayo, nibakhulekele abanizingelayo ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.
Imvamisa esifuna ukukwenza ngukuzilimaza izitha zethu ,siphindisele amalahle kuzo – singakwenza lokho ngokusobala kumbe sifune ukukwenza busululu. Sibazibe,sibabeke kude le kumbe sibajezise … yileyo mizwa yemveloluntu esifikelayo.
Kodwa uJesu wasifundisa okwehlukile ,wasifundisa ukubakhulekela . Lokho kuyaphambana nemizwa yethu angithi ? Kodwa … ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini
Zikhulekele izitha zakho .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.