Gcwaliswa NgoMoya
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseFesu 5:18-20 Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya, niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu, nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu.
Ziningi izinto ezinhle ukuzithokozela kulempilo .Futhi nakuba iningi lethu lingazitholi lindiza emoyeni yinjabulo nokuhamba kahle kwezinto ,khona kunjalo kuhle ukuthokozela lokho esikunikiwe ngokwesikalo samanje .
Ngibusisekile kakhulu ngonkosikazi enginaye ,nezingane iNkosi engiphe zona .Behlangene kimi bamele isibusiso esikhulu kunazo zonke emhlabeni ,uma bengingasho kanjalo empilweni yami .
Manje ngiyaqonda ukuthi akuyena wonke umuntu obusiseke kanjalo .Nami ngibile ngumtshingi bethwa ngubani kulokhu kuphila .Kodwa noma ngabe isimo sakho sithini kuyoba khona abantu kumbe umuntu oyisibusiso kuwe phezu kwalokho kanye okwenzekayo .
Angikusho lokhu ngenhliziyo yami yonke ukuthi kuhle ukuthokozela okuhle nabantu abayisibusiso empilweni yethu njengamanje singalokhu sicabanga okusemaphusheni .
Kodwa kunomugqa futhi okumele singaweqi ,okuyishwa ukuthi siyaweqa ngokobuncane bawo kulempilo ,sigcine sesinake lezibusiso kulomhlaba singasenandaba nokunye ,sizibize ngathi lezibusiso sigcine sesivale amehlo kokunye okusemqoka kakhulu kunazo .
KwabaseFesu 5:18-20 Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya, niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu, nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu.
Uthando uNkulunkulu analo ngawe ,intshisekelo yakhe ukukugcwalisa ngobukhona bakhe ,kudlula konke okunye lomhlaba ongakunika khona .
Ungavumi lezizinto ezinhle empilweni zigcine zikuphuca okusemqoka kakhulu okunguye uqobo lwakhe .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.