Impilo Yomuntu Leyo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 24:11,12 Bophule abayiswa ekufeni;abakhubekiselwa ekubulaweni ubagodle.Uma uthi : “Bheka besingakwazi .”
Enye yezimpi ezikhona ,uma bengingasebenzisa lololimi ,phakathi kwalabo abazibiza ngabakaNkulunkulu nabantu bakulelizwe , ngumbuzo ongokuhushula izisu .Umuntu athi : Kungani laMaKhrestu eyisidala ngaloludaba ?
Angikutshele ukuthi andukuba ngizinikele kuJesu ngangingaboni lutho olubi ngokuhushula izisu . Inkinga ikuphi ingempela ? Kahle hle kungcono ukuwugudluza umbungo ungakabi yingane ,esikhundleni sokuletha ingane engadingeki kulomhlaba .Kwakungani laMaKhrestu ayehleli kuloludaba eyigcizelela eyokungahushuli izingane ?
Kodwa ngamhla ngizinikela kuJesu ,ngale kokuba ngize ngichazelwe umqondo wami waguquka. Ngaqala ukuyibona ukuthi ikuphi inkinga ,yacaca bha okwesibhakabhaka . Njengokuba u – Kevin Sorbo we- Vitae Foundation ubeka kanje : “Ezinsukwini ezingu 22 isuke isishaya inhliziyo yengane .Uma kungesiyona impilo yomuntu ophelele leyo ,ngitshele kuyini ingempela .” Nakanjani impilo yomuntu leyo !
Ngakho njengokuba sengibe kuzo zombili izinhla ,zabavumelana nokuhushula nabemelene nakho ,ngiyaluqonda lolungqubuzano.Ngiluthola kahle . Kodwa futhi manje ,kungani laMaKhrestu lokubuka kwawo angakugcini kuwona ngaphakathi kuphela ? Kungani kumele bakhulume kudume izintaba ngaloludaba ?
Izaga 24:11,12 Bophule abayiswa ekufeni;abakhubekiselwa ekubulaweni ubagodle.Uma uthi : “Bheka besingakwazi .”
Yingenxa yalokhu kanye .Ngoba ukuhushula kungukuthatha impilo yomuntu . Futhi bonke laba abanathi ekukholweni nguJesu abanakho ukuzilandulela bancele izithupha bengakhulumi ngaloludaba . Lowombungo ….sekuyimpilo yomuntu leyo . Futhi uma kubiza ukuba sibe sesikhathini sokwenza esingakwenza ukuyisindisa ,asibhunkule sikwenze lokho .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.