Indebe Yami Iyachichima
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 23:5,6 Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami ;ugcoba ikhanda lami ngamafutha ‘indebe yami iyachichima .Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami ,ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade .
Abanye abantu ngokwemvelo yabo ,ababoni ngeso lokukhanyelwa yinto ,bavese bengaboni[pessimist]. Bangabantu bemininingwane kweqe ,bahlale bebona izincucu zezinto ezi-wrong zikhathi zonke .Abanye ngokwemvelo yabo babona imayini ngisho amehlo ethi yizintaba ,bangabaphuphi bamaphupho empilo ,bangosomaqhinga bamasu aya phambili. Kodwa kukhona futhi nohlobo lomuntu wesithathu .
Nakanjani sewuke wezwa ukuthi kukabili ,ukuthi uyinkomishi engu-half ukugcwala kumbe e-empty ngokungu-half .Yiyona ndlela imvamisa okuyiyona .Mina imvamisa ngiluhlobo lomuntu oyinkomishi engu-half ukugcwala . Ngibona amathuba ezintweni ngisho othi masubukisisa kahle ubone ukuthi akuthi ngcaa ngcaa. Futhi ukuletha i-balance kulokho ngizizungenza ngabantu abayizinkomishi ezi-empty u-half .
Pho ngobani lababantu besibili abaqopha umlandu . Ngibabiza ngokuthi zinkomishi ezigcwele phama .
Amahubo 23:5,6 Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami ;ugcoba ikhanda lami ngamafutha ‘indebe yami iyachichima .Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami ,ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade .
Elinye iHubo leli elabhalwa nguDavide ,indoda eyayinezitha eziningi ezingaphezu kwezintuthwane . Wafunda ukuthi noma ngabe isimo sakhe sintenga kanjani kodwa uNkulunkulu unaye khona lapho. Ake ubuke lesithombe esizwakala zingumsangano asipendela sona lapha :
Ulungisa itafula phambi kwami ebusweni bezitha zami
Ibutho lesitha liyabhodla ngale kwentaba ,kodwa uNkulunkulu udeke itafula ukuba azitike azibusise athokoze phambi kwaso sibuka . UDavide akayibuki inkomishi ngokokugcwala uhalf noma ukuba empty uhalf .Kodwa uyibona igcwele ichichima .Kungani ? Yingoba uyazi ukuthi uNkulunkulu unaye kuleyondawo . Futhi uma sikwazi lokho ngokungananazi siba nokuthula ngaphakathi kithi ngisho kugubha amagagasi.
Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami ,ngiyakuhlala endlini kaJehova kuze kube phakade .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..